Advertisement
X

Ujabule ngendawo yakhe kuRhythm City uManaka

BONISWA MOHALE

USEZOBONAKALA kwi-Rhythm City umlingisi wakuleli ozakhele udumo emdlalweni wamahlaya i-Stokvel.

UMANAKA Ranaka osedlala kwi-Rhythm City uthi uyajabula ukulingisa nezinkakha kulo mdlalo owuchu-ngechunge wakwa-e.tv.Isithombe : SITHUNYELWE

UManaka Ranaka (33) odume ngo-Lee kwiStokvel uthe uzobe engasinisi mahleza kulo mdlalo owuchugechunge ku-e.tv.

Kulo mdlalo uzobe elingisa indawo kankosikazi kamacaphuna kusale osanda kudutshulwa uRocks Kgaditse.

Engxoxweni ekhethekile abe nayo neSolezwe, uManaka utshele leli phephandaba ukuthi ujabule ukuthi uzodlala kulo mdlalo owuchungechunge.

“Ngizobe ngilingisa indawo yowesifazane onemali, owaziyo ukuthi ufunani empilweni futhi omthandayo umyeni wakhe. Kumnandi ukuthi ngizodlala kulo mdlalo owuchu-ngechunge emuva kokwenza amahlaya isikhathi eside,” kusho uManaka.

Uveze ukuthi le ndawo uyithole emuva kokuhambela inhlolokhono engaziphaqulanga ubuso futhi engaxhumile izinwele ekhanda kodwa enguye uqobo.

Uthe uyajabula kakhulu ukuba kwi-Rhythm City ngoba ibalwa nemidlalo ehamba phambili kubantu bakuleli.

Ugqugquzele abantu ukuba babukele i-Rhythm City ukuze bambone ukuthi uyakwazi ukulingisa indawo engadingi amahlaya.

UManaka uqale ukulingisa ngo-1999 kanti unezingane zamantombazane ezimbili uNaledi noKatlego.

Uthe ungumuntu onamahloni kanti akanandaba nokudalulela abantu iminyaka yakhe okuyinto engavamile kosaziwayo besifazane.

UManaka uzoqala ukubonakala kwiRhythm City namhlanje.

SHOW ALL
Advertisement