Ex-QDMS
Judith Sephuma
ISIHLABANI somculo we-jazz, uJudith Sephuma (osesithombeni) sizogubha iminyaka ewu-10 sikulo mkhakha ngokuqopha i-albhamu sicula bukhoma nezobe iqukethe i-DVD ne-CD.
Lo msebenzi wakhe omusha obizwa ngokuthi A Legacy: Live in Concert uzobe ugxile ohambweni lwakhe kwezomculo kuze kube yimanje.
UJudith uthembisa ukuvezela abalandeli bakhe uthando lokudlala bukhoma analo kuyona yonke ingoma ekule albhamu.
I-CD ezophuma ngoJulayi 30 nonyaka ilandelwe yi-DVD ngoSepthemba 3 ezobe iqukethe izingoma ezingu-22.
Le DVD izobe iphelezelwa yi-CD ebizwa ngeLive at the Market Theater, enezingoma ezingu-12 eyaqoshwa bukhoma ngo-2002 kodwa yangakhishwa kanti ngayo uJudith uthi ubonga abalandeli bakhe abalokhu bemeseke njalo.
Kwi-DVD yakhe ezoba ngamahora amabili uzobe ebophele enye inkakha yomculo we-jazz u-Oliver Mtukudzi nabanye abaculi kanti uzobe ehambisana ne-orchestra.
UJudith uthi kade kwakuyiphupho lakhe ukuqopha i-DVD bukhoma njengoba nabalandeli bakhe bese bembuza ukuthi uzoyenza nini.
Uthi noma ekuthanda ukuqopha estudiyo kodwa wakhuliswa ngokucula bukhoma ne-ochestra futhi lokhu kwenza eze nomuzwa ohlukile njalo uma esesteji.
“Ngikholwa wukuthi ngilinde kwaze kwafika isikhathi esifanele ukukhipha le DVD njengoba nomsebenzi wami usuze wafika kuleli zinga,” kusho uJudith.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services