BONGANI MBATHA
USyanda Buthelezi (12) kwesokunxele echaza ngesigameko sokudutshulwa komfowabo empini yomphakathi namatekisi kuhlangene namaphoyisa eFolweni eduzekwakhe umalume wakhe uMnuz Dumsani Buthelezi. ISITHOMBE: BONGANI MBATHA
MLUNGISI GUMEDE noSIMPHIWE NGUBANE
UKHALA ngesihluku samaphoyisa umndeni womfana waseFolweni oneminyaka engu-14 okusolwa ukuthi udutshulwe amaphoyisa ngesikhathi kade ezama ukuhlakaza isixuku sabantu ebebhikishela ukwenyuka kwemali yamatekisi ngoMsombuluko.
UMxolisi Buthelezi obefunda uGrade 9 eSiphephelo High eFolweni ushonele endaweni yesigameko ngemuva kokudutshulwa emhlane ngesibhamu esikhulu i-R5. Izolo umphakathi utshele Isolezwe ukuthi udutshulwe iphoyisa elaziwayo endaweni. Ukubulawa kukaMxolisi kubukeka kusishubise kakhulu isimo kule ndawo njengoba izolo kuze kwakhona abantu ababoshwayo mayelana nokudala uthuthuva emphakathini njengoba kuqhubeka umbhikisho. Umfowabo omncane kaMxolisi naye obekhona kubhikishwa, uSiyanda Buthelezi (12), ukufakazele ukuthi umfowabo udutshulwe yinhlamvu yamaphoyisa.
“Ngemuva kokuba amaphoyisa esifuthe ngesisi esikhalisa unyembezi sibukela abebebhikisha ngitshele uMxolisi ukuthi asihambe kodwa wathi asime kancane usafuna ukubukela, ngibe sengiyoma egcekeni lomunye umuzi oseduze komgwaqo ngezwa sekuqhuma isibhamu ngabona nabantu sebebaleka,” usho kanje.
Uthe uzwe abanye abantu sebethi kukhona umuntu oseshonile, ngayobuka ukuthi ngubani, abanye abangaziyo bangivimba bathi angibuyele emumva ekhaya.
“Ngiphikelelile ngifuna ukubona, bangidlulisa bangikhombisa ubuso ngabona ukuthi umfowethu nokulapho okuvele kwazula umqondo ngahlala phansi,” usho kanje.
USiyanda Buthelezi kwesokunxele ephethe isithombe sikamfowabo uMxolisi Buthelezi odubuleke washona amaphoyisa exakazisana nabamatekisi nomphakathi waseFolweni eThekwini ngoMsombuluko.
Group
Uthe uMxolisi ubegcwele igazi esifubeni enembobo yenhlamvu ngasenhliziyweni.
“Angisoze ngayikhohlwa into engiyibonile yenziwa ngamaphoyisa,” kusho uSiyanda.
Ugogo kaMxolisi, uNkk Dumazile Buthelezi, uhlulekile ukuzibamba wakhihla isililo ngomzukulu wakhe athe ubenephupho lokuba nguSonhlalakahle.
UNkk Buthelezi uthe baphithanelwe amakhanda abazi ukuthi bazokwenzanjani ngokufihla uMxolisi njengoba kungasebenzi muntu emndenini.
“Siziphilela ngemali yempesheni yami kanti futhi besingenawo umasingcwabisane nokwenza ukuthi singazi ukuthi sizomisa kanjani,” usho kanje.
UNkk Buthelezi uthe uyawazonda amaphoyisa ngokumphuca umzukulu wakhe obenamancoko ekhaliphile.
UMxolisi Buthelezi 14 odutshulwe washona kudubulana amaphoyisa nabamatekisi efolweni ngomsombuluko.
ISOLEZWE
Namanye amalungu omphakathi akhulume neSolezwe akuqinisekisile ukuthi yiphoyisa elidubule uMxolisi. Izolo ibivalwe yonke imigwaqo yakule ndawo ngamathayi avuthayo, izimoto zaphoqeleka ukuthi zisebenzise eminye imizila.
USihlalo we-Community Policing Forum eFolweni uMnuz Dumezweni Mchunu uthe lolu daba selusezandleni ze-Independent Police Investigative Directorate (IPID) ephenya amacala amaphoyisa.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services