BONISWA MOHALE
M UVA nje ziyanda izibalo zokugasela kwezigilamkhuba ezikoleni zaKwaZulu-Natal kuhlaselwe abafundi, othisha kucekelwe phansi nempahla yesikole osekuqubule ingebhe ngesimo sokuphepha ezikoleni.
Kulezi zigameko kubalwa ukudunwa kwabafundi, ukudutshulwa kukathisha phambi kwabafundi, ukulimazana, ukubulalana kwabafundi emagcekeni esikole nokuntshontshwa kwempahla ezikoleni.
UMnyango wezeMfundo esifundazweni ukhathazekile ngalezi zigameko njengoba uthi kawazi uzoyicaza kanjani imali ukuze uqhube izinhlelo zemfundo uphinde uqinise nezokuphepha.
Ezinye izikole zinonogada kodwa ezinye kazinabo njengeSizinda Secondary eSt Wendolins (KwaSanti) lapho abafundi baklabhana ngocelemba kwagcina kuphazamiseke ukubhalwa kwezivivinyo zikaJuni, eDalton Primary eseWartburg khona kuthunjwe abafundi abane ngamadoda atheleka kulesi sikole ehlome ngezibhamu.
Akuzona zodwa izikole ezingenabo onogada ezihlaselwayo kodwa kwezinye uthola unogada oyedwa ophethe isagila, izigebengu ziyagqekeza zifike ziphethe izibhamu njengaseDelani Primary lapho zigasele khona zakhala zemuka nemali yabafundi yokushutha izithombe.
Sashaqa abaningi isigameko sokugwazwa kukamabhalane esikoleni iNanda Day Primary okuthe uzakwabo ezama ukulamula naye wagwazwa, kwaze kwasiza izingane zesikole ezihilikiqe ngamatshe umsolwa wacela empunzini.
NgoJuni kubulawe ngesihluku iphini likathishomkhulu waseLuvisi Primary phambi kwabafundi eNquthu.
Kwadubuleka nabafundi ababili oyedwa washona esesibhedlela.
UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uNkk Peggy Nkonyeni uthe ezimweni ezifana nalezi ngisho izikole ezinonogada ziyehluleka wukulawula lesi simo kwazise abantu badutshulwa ngisho ezinkantolo.
Uthe bazithola benomsebenzi onzima wokucaza imali encane abanayo ukuthi ingene kwezokuphepha nakwezemfundo.
“Sinengqinamba yokufaka onogada kuzo zonke izikole ngenxa yokuthi kasinayo imali eyanele kodwa le yinkinga esizama ngawo wonke amandla ethu ukuyilungisa. Sihlale sigqugquzela ukuthi abazali nomphakathi wonkana babe yiso ezikoleni zethu. Siyasebenzisana namaphoyisa siwacele ukuthi afike kungazelele muntu azosesha izidakamizwa nezikhali kubafundi,” kusho uNkk Nkonyeni.
Ubuye wanxusa umphakathi ukuthi ungathuli uma kwenzeka izigameko zobugebengu. Uthe kumele ubikele amaphoyisa ngoba isikhathi esiningi zisuke zisemphakathini isikole esikuwo.
UNkk Mary de Haas ongumhlaziyi wezodlame emphakathini utshele Isolezwe ukuthi izikole azisaphephile manje ngenxa yokwanda kobugebengu emphakathini.
“Abafundi nothisha abasaphephile ezikoleni kodwa-ke ngeke sithi abaphephile ezikoleni kuphela kwazise ngisho emphakathini esiphila kuyo kubulawa izingane, kudlwengulwa ogogo. Udlame nje yinto esiyinsakavukela. Siyafisa ukuthi kuqiniswe ezokuphepha ezikoleni zethu kodwa-ke kumele kuqale thina siwumphakathi silwe nobugebengu. Singathuli uma kungena amasela, sisheshe sishaye izingcingo uma sibona abangena nezibhamu ezikoleni,” kusho uNkk de Haas.
UMnuz Mhlengi Mabuya weCongress of South African Students (Cosas) uthe sekuphele iminyaka belwa udaba lokuqiniswa kwezokuphepha ezikoleni zaseNingizimu Afrika.
“Abafundi abaphephile ezikoleni uma ubheka nje kweziningi kungena izikhali nezidakamizwa nabantu abahlasela abantu. Lokhu kwenziwa wukuthi izikole eziningi zisabiywe ngendlela yakudala, ingqalazisinda ayithuthukiswa kwezasemalokishini nezasemakhaya. Kuyasikhathaza lokhu ngoba abafundi banelungelo lokufunda endaweni ephephile kodwa manje sebeyasaba ukuya ezikoleni ngenxa yokuthi abazi noma bazobuya emakhaya bephila yini. Kunodaba lwaseSizinda lapho abafundi abangu-22 beklabhane ngocelemba esikholwa wukuthi ukube kunonogada futhi kubiywe ngendlela yesimanje ngabe bashesha babanjwa. Kuthunjwe izingane eDalton, zonke lezi zigameko ziyasikhathaza,” kusho Mabuya.