Advertisement
X

Ukhala ngokucushwa kocingo uShenge

MLUNGISI GUMEDE

UMENGAMELI we-IFP iNkosi Mangosuthu Buthelezi uthi isithanda ukumuma emphinjeni indaba yokucushwa kocingo lwakhe lukamakhalekhukhwini ngenhloso yokulalela izinkulumo zakhe.

UMENGAMELI we-IFP iNkosi Mangosuthu Buthelezi okhala ngokucushwa kocingo lwakhe abezobuNhloli. Credit: INLSA

Ekhuluma emhlanganweni wakamuva we-IFP Women’s Brigade eThekwini, uButhelezi uthe iyamkhathaza indaba yokucushwa kocingo lwakhe ngabezobuNhloli kuleli.

UButhelezi uthe ufuna ukukubeka kucace ukuthi uyohlale emeseka uhulumeni uma enzela abantu izinto ezifanele.

“Yebo ngingumholi weqembu eliphikisayo kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi anginazo izinhloso ezingezinhle ezingenza ukuthi kuze kucushwe izingcingo zami,” usho kanje.

Uthe imithombo engaphakathi kwezobuNhloli imtshele ukuthi ucingo lwakhe lucushiwe kuze kube yimanje, njengoba kwakwenziwe ngisho ngaphambi kuka-1994.

UButhelezi uthe akasazi isizathu esenza ukuthi kucushwe ucingo lwakhe, wathi umsebenzi wezimpimpi ubungaba lula kakhulu ukuba usanocingo lwasendlini, wengeza ngokuthi wayenocingo lwasendlini ngesikhathi esenguNgqongqoshe wezangaPhakathi kuleli.

Uthe uyakholwa ukuthi uNgqongqoshe wezobuNhloli, uMnuz Siyabonga Cwele, useke walucubungula lolu daba noMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma.

“Ukucushwa kocingo lwami kwaqala ngesikhathi sikaMengameli uMnuz Thabo Mbeki. Ngikhumbula ngisanguNgqongqoshe wezaseKhaya ngaze ngathunyelelwa isipoki uMnuz Billy Masetla kwathiwa akazoba nguMqondisi-jikelele eMnyangweni wami ngoba kwakumele angigade ukuthi ngenzani,” usho kanje.

UButhelezi uthe lesi senzo sabezobuNhloli simkhumbuza ngesikhathi sobandlululo.

“Ngikhumbula ngelinye ilanga sizixoxela ngocingo nabaNtwana baseNdlunkulu kusabusa iSilo uBhekuzulu, wathi omunye uMntwana asingakhulumi kakhulu ngoba mhlawumbe kukhona abasilalele. Kwaphendula lowo owake waba uNdunankulu wakuleli ngesikhathi sobandlululo uDkt Hendrik Verwoed wathi akasilalele, saxakeka ukuthi uphendula kanjani uma engezwa ukuthi besithini,” usho kanje.

Akusiyena usopolitiki wokuqala uButhelezi ukuthi akhale ngokucushwa kocingo lwakhe njengoba nalowo obenguMkhuzi wamaPhoyisa uBheki Cele naye eke wabika ukuthi ucingo lwakhe lucushiwe.

SHOW ALL
Advertisement