AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya icala lokubulawa kwabantu abathathu ngeSonto eNsuze
UKHALA ezimathonsi umhleli womcimbi wabaculi abasafufusa obizwa ngoVanzini Event , emuva kokuthi amalungu amabili eqembu likamasikandi elisafufusa eqothwe ngenhlamvu ashona ephuma emcimbini. Owesithathu obulewe ubewumshayeli wetekisi ebigitshelwe ngabaleli qembu.

Lesi sigameko esishiye abaningi bethuthumela senzeke eNgcongangconga, KwaMaphumulo ngeSonto.

UMnuz Sakhowakhe Ngiba obehlele umcimbi elandisa Isolezwe ngalesi sehlo uthe oMnuz Philani Msensuli (umshayeli), uMnuz Phumlani Ndlovu noNkk Snenhlanhla Khumalo badutshulwe emuva kwengxabano equbuke esitolo. Kuthiwa amadoda angangaziwa avulele ngentululwane yezinhlamvu ebhekise kulabo maskanda. Kuthiwa uNksz Khumalo yena udutshulwe ngezinhlamvu ezingu-14 emuva kokuthi abahlaseli bemlandele ezama ukubaleka baze bamnqoba.

UNgiba uthe okumphatha kabi ukuthi bebephume emakhaya ngegama lakhe.

“Bengiqala nokuwenza lo mcimbi ngawuvula ngebhadi, ngigqemeke engeqiwa ntwala. Inhloso yami bekuwukuvumbulula amakhono kodwa kwavele kwehla umshophi,’’ kusho uNgiba.

Uthe uMsensuli ubeqashiwe ukuthutha iqembu. Uthe kukhona nomunye osindile waphuthunyiswa esibhedlela. Uthe namanje usathuthumela uzozama ukuyovela emndenini yabo noma engaphethe lutho.

Uthe akayazi le nto ukuthi isukaphi ngoba ubengakaze ezwe ukuthi kukhona abaxabene nabo noma ababasongelayo.

"Sizoyeka amaphoyisa aluphenye udaba ngoba sonke asazi ukuthi umsuka wale nto yini. Ngilahlekelwe njengayo imindeni,’’ kusho uNgiba.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala usiqinisekisile isigameko wathi amaphoyisa aseNsuze asezithendeni zabasolwa.

"NgeSonto ngezithuba zawo-5.45 kubulawe abantu abathathu, imbangela ayikaziwa kodwa amaphoyisa ayaphenya. Bekungakaboshwa muntu ngesehlo,’’ kusho uCaptain Gwala.