Advertisement

Ukhalela elinye ithuba owaxoshelwa ukulwa

USEPHENDUKE umtshingo ubethwa ngubani umfundi owaxoshwa esikoleni ngo-2011 emuva kokulwa nabanye abafundi emagcekeni esikole i-Easther Payne Smith (EPS) eMgungundlovu.

USiphamandla Dlamini (18) waseWoodlands, eMgungundlovu ubhekene nengwadla yokuchithwa ezikoleni ezahlukene endaweni yangakubo ngenxa yalesi sigameko.

UFUNA ithuba lokufunda uSiphamandla Dlamini owaxoshelwa ukulwa esikoleni ngo-2011.Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE. Credit: Group

Lo mfundi obenza uGrade 10 ngaleso sikhathi udaba lakhe uselufake kubahloli besiyingi kodwa kuze kube manje asikho isikole esifuna ukumthatha.

“Kwaba nengxabano nabanye abafana esasifunda nabo, bangihlanganyela ngaphakathi esikoleni. Uthishanhloko wangikhiphela ngaphandle kwesikole ngaso leso sikhathi. Emuva kwezinsuku eziyisikhombisa kwathiwa angibuye, uma sengibuya kwathiwa angiphindele ekhaya ngihlale ezinye izinsuku eziyisikhombisa. Sengibuya uthishanhloko wangitshela ukuthi isigungu sabazali asisangidingi kulesi sikole ngoba nginodlame. Wangiphoqa ukuba ngithathe incwadi yokuthi ngiyashiya esikoleni,” kusho uSiphamandla.

Uthe selokhu axoshwa kunzima ukuthola esinye isikole ngoba izikole zikhala ngeminyaka yakhe ezinye zithembisa ukumthatha kodwa uma sezikhulume nothishanhloko walapho kade efunda khona bese zingafuni lutho okuzihlanganisa naye.

“Okubuhlungu ukuthi yimina ngedwa engabizwa esigungwini zokuqula kwecala, nabazali bami baba khona. Abanye abafana esasilwa nabo bona ababizwanga, baqhubeka nokufunda. Anginikezwanga nethuba lokuchaza ukuthi kungani sasilwa,” kusho yena.

USiphamandla uhlabe isikole ngokumenzela phansi ngokungalaleli izikhalo zakhe nokumphoqa ukuba ashiye.

“Bangibulalela ikusasa lami ngoba angikwazi ukufunda, amaphupho ami ngeke esafezeka. Ngifuna ukuba ummeli futhi nasesikoleni ngenza kahle manje ngeke kusenzeka lokho ngoba ngincishwe amandla ngoba ngiwumfundi,” kusho yena.

Kuthintwa isikole kuphendule owesifazane othe usesigungwini sabazali esilawula isikole iSchool Governing Body ozibize ngoLolly nothe uyalwazi lolu daba kodwa ngeke akwazi ukuphawula ngalo ngoba luphethwe uMnyango.

Kuthintwa okhulumela uMnyango uSihle Mlotshwa ngalezi zinsolo uthe usemhlanganweni ucela ukuthunyelelwa i-email, nayo angazange ayiphendule kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

SHOW ALL
Advertisement