INLSA
Indawo lapho kubulawelwe khona owesilisa obesolwa ngokubulala owesifazane wakwaNzama eRichmond Farm kanti laba ngamanye amalungu omphakathi abesashaqekile ngokwenzekile. Izithombe: PATRICK MTOLO
SIMPHIWE NDWANDWE
UKHANDWE ngamatshe wafa owesilisa waseLindelani obefunwa uthuli ngamalungu omphakathi kulandela isigameko sangeSonto lapho abesolwa khona ngokubhokoda unina wengane yakhe ngommese amahlandla angu-13 washona.
UThandokwakhe Michael Nzama (27) ubulewe izolo ngesikhathi amalungu omphakathi wakule ndawo ephenduka izinqawunqawu emshaya waze waphangalala ngoba ecikwa ukuthi ubulale intombi yakhe.
Isolezwe lifike kubo kwentombi, uNontobeko Precious Hlatshwayo (29), beqoqelene endlini besababaza isihluku sokubulawa kwendodakazi yakhona. Isoka lishayelwe ngezansi kwakubo kwentombi laze lafa.
Unina kaNontobeko, uNksz Thokozani Joice Hlatshwayo (49), uthe indaba iqale ngeSonto ebusuku yena esanda kuphuma emsebenzini.
“Bengisakhumula izingubo ngesikhathi ngizwa ingane ikhala emgwaqweni ithi uNontobeko usegwaziwe. Siphuthume kuye samfica opha kanzima sammbathisa ingubo samgoqa ngayo umntanami samusa emtholampilo KwaMashu lapho eshonele khona,” kuchaza uNksz Hlatshwayo.
UMusa Elvis Nzama ongumfowabo womlisa obulawe ngamalungu omphakathi eRichmond Farm
INLSA
Uthe selokhu indodakazi yakhe yahlukana nesoka ibingasakwazi ukuphumula ngoba belihlupha futhi linokugasela ekhaya ebusuku kulanyulwe sekukubi.
UNksz Hlatshwayo uthe ngesonto eledlule like latheleka isoka lizohlasela kodwa labanjwa selimhleli ngobhongwane uNontobeko, lathi galo yephuka uma sekuzwakala kukhona ohlaba umkhosi.
Umnyombo wale ndaba kuthiwa udalwe ukuthi isoka alikuthathanga kahle ukwaliwa njengoba bese benengane enonyaka nezinyanga eziyisithupha nomufi ebisancela ibele.
Umakhelwane obethukuthele ejuluka uthe umufi ubecasulwa ukuthi ngeke esakuthola okuya ngasethunjini abekuthola ngesikhathi esathandana noNontobeko yingakho evele wakhetha ukumbulala. Kuvele nokuthi leli soka belisebenzisa nezidakamizwa obekumenza aphenduke inj’ ebomvu uma sezisegazini.
Mayelana nokufa kukaNzama akekho obecacisa ukuthi kwenzekeni ngaphambi kokubulawa kwakhe ngoba wonke umuntu ubethi ubengekho, uzwe ngabanye.
Umfowabo kaNzama, uMusa Elvis Nzama (29), uthe sibaphoxile isenzo sikamfowabo ngoba uphazamise ubudlelwano abese benabo nomndeni wentombi.
“Sibuhlungu khona kodwa akukho esingakusho ngoba nguyena oqale yonke le nto. Usihlazile ngoba phela besizwana kakhulu nomakhelwane bethu futhi sisizakala lapha ekhaya. Le nto eyenzeke kuye ngeke sithini ngayo ngoba naye wenze lo mhlola,” kusho umfowabo.
Okhulumela amaphoyisa, uCapt Thulani Zwane, uthe kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eNtuzuma.
|
|
THULISILE SHANGE 18YEARS, wrote
Kunzima okwehlele lemndeni yomibili,kepha bekngafanele umphakathi uzithathele izinqumo.lithi izwi lenkosi masingazilweli thina izimpi,konke asikunikele kuyena
Anonymous, wrote
Bengimazi u Nonto kusukela ngo 1995 en ngimazi njengentombazane ethulayo, ukaku deserve ukufa ngale ndlendlela en nomndeni wakubo ngiwazi kakhulu ngoba ngangizwana nomfowabo omdala. Kuyathusa okuvele lomndeni wakwa Hlatshwayo ngoba naseminyakeni kunomunye welungu lalomndeni owadutshulwa esemsebenzini eshayela amabhasi aseNewlands West. "Inkosi ibe nani mndeni wakwa Hlatshwayo, silahlekelwe sonke".
Nombuso, wrote
Kubuhlungu kakhulu ukubulawa komuntu ikakhulukazi owesifazane bemshiyisa umntwana wakhe.Okuxakayo akekho osazovela ukuthi ubenesandla ekubulaweni komlisa.
Anonymous, wrote
Showing items 1 - 4 of 4
Services
Comment Guidelines