Ukhathazekile ngesigwebo umndeni

Comment on this story
no Copy of CT_nobanda0 Supplied Nolubabalo Babsie Nobanda

UMNDENI wentombazane yaseGrahamstown e-Eastern Cape egwetshwe iminyaka engu-15 ngecala lokubanjwa ishushumbisa izidakamizwa eThailand uthi ukhathazekile ngesigwebo esinikwe indodakazi yawo wabe usucela ukuthi unikwe isikhathi njengomndeni ngesimo obhekene naso. Kulindeleke ukuthi umndeni uhlangane ucubungule ngalesi sigwebo

UNolubabalo “Babsie” Nobanda (osesithombeni) uphinde wahlawuliswa no-R250 000 ngaphezu kwesigwebo.

Wabanjwa eThailand eshushumbisa izidakamizwa ezifake ezinweleni.

Ugwetshwe izolo yinkantolo yaseBangkok ngemuva kokubanjwa esikhumulweni sezindiza nezidakamizwa ayezifake kuma-dread.

Okhulumela uMnyango wezobuDlelwano namaZwe angaPhandle, uMnuz Clayson Monyela, uthe ubezogwetshwa iminyaka engu-30 kodwa isikhathi sakhe sehliswa ngoba akazange elokhu eqamba amanga.

“Ube esehliselwa isigwebo ngohhafu wanikwa iminyaka engu-15. Siyaxhumana nomndeni wakhe sisebenzisana nenxusa eliseThailand futhi sisazoqhubeka simvakashele ngisho ejele siyomnika usizo aludingayo,” usho kanje.

Waboshwa ngoDisemba esuka eBrazil, watholakala ne-cocaine engu-1.5kg engabiza u-R1.2 million.

Wavuma ukuthi wayeqashiwe ukuthi ashushumbise lezi zidakamizwa njengoba ayelibangise ehhotela laseBangkok.

Ubemelwe ngummeli wombuso waseBangkok kanti umndeni ubuhlele ukuthumela umuntu obezothamela ukukhishwa kwesigwebo izolo kodwa uhambo lwahoxiswa.

Unina, uHonjiswa Mbewu, ukuqinisekisile ukuthi ngeke kusaba khona ozohamba ngoba udokotela umtshele ukuthi unokhwantalala.

“Udokotela uthe nginokhwantalala ngakho ngeke ngikulungele ukuthi ngihambe.”

Labo okusolwa ukuthi bathuma uNobanda bebengakaboshwa.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.