Ukhomishana uhambela indawo yesibhicongo

Comment on this story

UKHOMISHANA wamaphoyisa kuzwelonke uGeneral Riah Phiyega izolo uhambele indawo yesibhicongo emayini yeplatinum iLonmin Marikana emuva kokubulawa okungenani kwabavukuzi abangu 12 yabasebenzi okukholakala ukuthi bangamalungu enyunyana entsha yasezimayini i-Associaton of Mineworkers and Construction Union.

UPhiyega bekulindeleke ukuthi ahlangane nezikhulu zamaphoyisa eNorth West nabaholi bezinyunyana zabasebenzi ngaphambi kokuxoxisana nabezindaba namuhla.

Izolo amaphoyisa awathandanga ukusho ukuthi bangaki abasebenzi abashonile kulesi sibhicongo kanjalo nabalimele. Ngokwemibiko yabezindaba iSapa ngesikhathi sokushicilela besekushone okungenani abangu-12. Izolo kusihlwa ama ambulensi abesabonakala ephithizela ethatha abasebenzi abalimele.

INational Union of Mineworkers enabasebenzi abaningi basemgodini, ithi ikhathazekile ngokubulawa kwabasebenzi emayini iLomnim eNorth West esigamekweni sakamuva izolo.

“Isimo esingamukelekile lesi, sethemba ukuthi kuzokwenziwa uphenyo olunzulu ngokuthi kwenzekeni ukuze abathintekayo babhekane nengalo yomthetho,” kusho uNobhala weNUM uMnuz Frans Baleni.

Izolo okhulumela iNUM uLesiba Sishoka ekhuluma ohlelweni lwezindaba zakwa-e News, uthe amaphoyisa azame ngakho konke ukuxwayisa abasebenzi.

Uqhube wathi akwamukelekile ukuthi kube khona abantu abaziqondisela bona abantu bamise izinto ezweni. Ubuye waveza ukuthi banolwazi lokuthi konohlu lwamalungu eNUM okuthiwa azosocongwa.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.