SELIPHINDE lagawula izembe emsakazweni ohamba phambili ngabalaleli Ukhozi FM njengoba kukhonjwe indlela umdidiyeli wohlelo lwasemini kwakhululwa noZuluboy.
UZuluboy ubethula uhlelo lwe-hip hop i Namba Namba ngoLwesihlanu ngo-11 kuya ku-2 entathakusa. Ubephinde abuye ngoMgqibelo ngo-3 kuya ku-6 ntambama nohlelo lwe-deep house i Chillas.
NgoLwesihlanu i Namba Namba beyethulwa nguSbo Sithole no-Amanda Khanyile. I Chillas yona yethulwe nguKhetha Gwala.
UMsizi Nkosi ubedidiyela i Nethezeka engena ngo-12 kuya ku-3 emini phakathi nesonto. Lolu hlelo lushayelwa nguMroza Buthelezi phambilini owayebambisene noChilli M owakhonjwa indlela maphakathi nonyaka.
Isolezwe ngeSonto labika ukuthi uMsizi umiswe isigubhukane ngenxa yokuvele anyamalale emsebenzini engabikile.
Kuthiwa kwakusolakala ukuthi ukunyamalala kwakhe emsebenzini kwakuhlobene nokuhambisa incwadi yakhe ethi I’m a Different Mess than I was Yesterday okuthiwa amakhasimende ayifuna ubuthaphuthaphu.
Okhulumela iSABC uMnuz Kaizer Kganyago ukuqinisekisile ukuthi laba bobabili abasekho kuKhozi FM.
“Engikwaziyo wukuthi izinkontileka zabo zinqanyuliwe,” kusho uKganyago.
Umthombo ongaphakathi kwaSABC, uthe uMsizi ukhululiwe emsebenzini wakhe ngenxa yokulova.
“UZuluboy yena ngathi kunecala ayelenzile ezobizelwa ekomitini eliqondisa izigwegwe. Kunokuthi aye lapho uvele wafaka incwadi yokwesula emsebenzini,” kusho umthombo.
Omunye uveze ukuthi abasebenzi baziswa ngalokhu ukuze “bengezwa kwabezindaba kuqala”.
Imizamo yokuthola uZuluboy ayiphumelelanga. Owesifazane othe usebenza ehhovisi lakhe uthe umatasatasa uyaqopha eKapa. Uthe akanalo ulwazi ngokuhlukana kwakhe noKhozi FM. UZuluboy uke wamiswa ngoFebhuwari kanti kwabikwa emaphephandabeni ukuthi wayemiswe ngezinsolo zokudlala umculo wakhe ohlelweni lwakhe yize wawungafakiwe ohlwini.
UMsizi ukuqinisekisile ukuthi akasekho oKhozini.
“Abantu basoKhozini ngisengasebenza nabo ngomuso ngoba imboni yethu incane kakhulu. Kodwa abantu bayohlale bekhuluma beqagela ukuthi kwenzakaleni. Njengamanje ngifuna ukugxila emsebenzini wami omusha. Kukhona uhlelo lwezingxoxo oluzodlala kuSABC 1 engizoludidiyela,” kusho uMsizi.