UKhune ugonyuluka ngolukaJosephs

Comment on this story
no kune jose Gallo Images NGEZIKHATHI ezimnandi kuBafana Bafana babehleka kuvele elomhlathi oMoeneeb Josephs we-Orlando Pirates no-Itumeleng Khune weKaizer Chiefs. Isithombe: GALLO IMAGES

MINENHLE MKHIZE

USHAQISWE yinkulumo kaBenni McCarthy unozinti weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune, osanda kugqugquzela uMoeneeb Josephs ukuba awabeke ethala amakhokho kuBafana Bafana ngoba ekhala ngobulungiswa bejezi obungabonwa kwelesizwe.

UMcCarthy wayekhala ezimathonsi ngokungashaywa mkhuba kukaJosephs ekuqaleni imidlalo yeBafana ekubeni enqobe izicoco ubuthaphuthaphu ne-Orlando Pirates kula masizini amabili edlule.

UKhune obekhuluma neSolezwe okokuqala ngale ndaba yokuhoxa kukaJosephs kuBafana uzwakalise ukudumala ngokwashiwo nguMcCarthy.

“Kwangithusa okwakushiwo ngami. Empeleni ngadumala ngoba irekhodi lami liyazikhulumela kuBafana. Abanye abantu banezinkinga zabo ezingaqondene nami nengingazazi,” kusho uKhune.

“Akusenani ngoba wonke umuntu unelungelo lokusho izinto ngendlela abona ngayo. Ngokwami kungifanele ukuthola ijezi kuBafana selokhu ngalithatha ngo-2008 sidlala neZimbabwe.”

IChiefs ayizange inqobe lutho ngesizini edlule kanti iPirates iphephetha kwasani oluphambi kwayo njengoba iwine izicoco ezintathu (MTN 8, Telkom Knockout ne-Absa Premiership).

“Ngeke ngiyiphikise imibono yabantu, yibhola leli asiboni ngendlela efanayo. Konke abakushoyo ngami kuzongiqinisa ngiphinde ngikhule empilweni. Uma ungumuntu kusuke kukhona into engahambi kahle uma uzonconywa yiwo wonke umuntu. Abantu kumele bakugxeke ukuze ubone ukuthi ungumuntu ngempela. Esami isikhathi ngisilindile kuBafana futhi ngenze isiqiniseko ngesikhathi nginikwa ithuba ngalibamba ngazo zombili. Umqeqeshi uma engibophele esikimini kumele ngimbonge ngokushaya into ecokeme. Akumina ozifaka esikimi kodwa ngumqeqeshi,” kusho uKhune.

Kuyimanje uKhune ubanga ijezi noWayne Sandilands weMamelodi Sundowns noDarren Keet weKV Kortrijk yaseBelgium. Abanye onozinti abangqo-ngqozayo kuBafana ngoRonwell Williams weSuperSport United noBrilliant Khuzwayo osezogijima kuKaizer Chiefs.

“Kunabanye abathi ngiyadlisela kodwa mina angikuboni konke lokho. Uma kunjalo yini abaqeqeshi bangakuboni lokho? Izinkulumo zabo ziyangigqugquzela futhi zingenza ngihlale ngiqaphile. Ngokwami umbango okhona muhle futhi siyasekana nonozinti abakhona njengamanje nebengisebenzisana nabo phambilini. Ngiyafunda kubona, nabo bayafunda kimina. Ebholeni ufunda uze ufe,” kusho uKhune.

Esitatimendeni esakhishwa nguJosephs mayelana nokuyeka kwakhe ukudlalela iBafana wabalula izinto eziqondene naye nomndeni okumele azinake. Akazange esayiphatha le eyashiwo ngumngani yokuthi uJosephs ukhathele ukukhuhliswa ibhentshi yize naye edlala kahle.

Akwaziwa noma uJosephs uzowushintsha yini umqondo abuyele kuBafana njengoba sekuhambe uPitso Mosimane. Imizamo yokuthi lo nozinti ukuthi aziphendulele ayiphumelelanga ngoba ucingo lwakhe beluvaliwe.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.