AP
UMENGAMELI waseZimbabwe uRobert Mugabe
INTATHELI YESOLEZWE
UMENGAMELI waseZimbabwe uzishaye isifuba ngokuthi ungumqemane izolo ngesikhathi egubha iminyaka engu-88 azalwa. Ubeklolodela laba ababelesele ngokuthi kumele athathe umhlalaphansi kube nokhetho lukaMengameli omusha kulo nyaka.
“Lusazofika lolo suku lapho ngizobe sengigula, sengibuthakathaka,” kusho uMugabe (osesithombeni) ekhuluma nomsakazo kahulumeni kuleliya zwe, iRadio Zimbabwe. Lapha ubephebeza izinsolo nengebhe ekwabaningi yokuthi impilo yakhe isibuthakathaka.
“Njengamanje ngingumqemane,” usho kanje.
Ehleka usulu, uphawule ngemibiko ethi uphethwe yisifo esinzima uthe: “Sengibulawe kaningi kabi.” Ngalokhu ubeqonde ukuthi kade kwakuphuma amahlebezi okuthi ushonile ebe ephila.
“Yilapho ngimehlula khona uJesu Kristu. Sengife ngavuka, angazi iziqubu ezingaki,” esho encokola.
UMugabe, useqhoqhobale lesi sikhundla kusukela ngo-1980.
Uthe usazolungenela futhi ukhetho lukaMengameli athe kumele lube kulo nyaka.
“Kusemandleni abantu namalungu eqembu lami ukuthi aqoke omunye uma mina sengithi kulungile-ke sengithatha umhlalaphansi manje. Kodwa-ke lokho ngeke kwenzeke njengamanje. Kule minyaka enginayo liselide ibanga engisengalihamba. Akunjalo?” kubuza yena.
UMugabe waqokwa ngoDisemba yiqembu lakhe iZanu-PF ukuba aphinde futhi angenele ukhetho lokuba nguMengameli.
“Akekho ongangena awine okwamanje,” kuphetha uMugabe.
|
|
Mbulu, wrote
Lina maSouth Africans akelitshiyane loMugabe wethu amaZimbabweans. Khulumani ngenkunzi yabafazi yenu le enguMsholozi.
Xolani, wrote
Showing items 1 - 2 of 2
Services
Comment Guidelines