CLOSE X
Advertisement

Ukugula kuhlehlise |icala likaMaqubela

Isolezwe

KUBAMBEZELEKILE ukuqhubeka kwecala lomfelokazi, uNkk Thandi Maqubela, obhekene necala lokubulawa komyeni wakhe, iJaji elalibambile uPatrick Maqubela. Ukubambezeleka kwecala kungenxa yokugula kukammeli kaNkk Maqubela nomsolwa ongusomabhizinisi osebenzisana noNkk Maqubela ababekwe naye icala izolo.

IJaji uJohn Murphy litshele uDkt Sipho Mfolozi oyiPathologist, okunguye obekumele aphonswe imibuzo izolo, ummeli kaNkk Maqubela, uMnuz Marius Broeksma, uyagula.

Share this story
Cpe Town 111107.Thandi Maqubela, accused of killing her husband, acting judge Patrick Maqubela, follows proceedings in the Cape Town Labour Court today. Picture Mxolisi madela/ fatima

Yize uBroeksma ebekhona enkantolo kodwa icala lihlehlele ikusasa.

UMurphy uxolisile kudokotela ngokuphazamiseka kwecala.

“Ukugula yizilingo ezisehlela noma kunini uma kuqulwa amacala obugebengu. Kungaba asibenzi ubulungiswa kubona bobabili ummeli nomsolwa uma sibaphoqa ukuba bagibele ebhokisini icala liqhubeke bengakalulami,” kusho iJaji.

UMaqubela nasolwa naye, usomabhizinisi uMnuz Vela Mabena, babhekene necala lokubulala nokukhwabanisa.

Abashushisi uNkk Bonnie Currie-Gamwo noMnuz Pedro van Wyk, basola ukuthi abasolwa basebenzisa uplastiki ukuncisha uMaqubelaumoya esemzini wakhe eSea Point ngoJuni 5, 2009. Basola umfelokazi ngokukokotela incwadi yamafa ayisayina sengathi isayinwe ngumufi.

Kusolwa ukuthi wathatha leyo ncwadi wayiyisa ehhovisi leMaster of the High Court eGoli elibhekele izindaba zamafa asebeshonile.

UMabena yena akukakachazwa ukuthi uthinteka kanjani kulokhu.

Share this story
Advertisement
X