Advertisement

Ukulahlekelwa wumsebenzi kwamvulela amanye amathuba

LUNGI LANGA

ABANYE babona ukulahlekelwa wumsebenzi njengesithiyo esingadala ukuthi kume impilo, kepha uNksz Nomfundo Shazi (27) wase-Adams ukubone njengesiqalo sempilo entsha.

UKHUTHAZA abantu ukuthi bangadikibali ekufezeni amaphupho abo uNksz Nomfundo Shazi wase-Adams

Ukulahlekelwa wumsebenzi kwavula amathuba okuthi afeze amaphupho akhe okusebenza endaweni ezomkhulula ukuthi enze izinto ngendlela yakhe uNksz Shazi.

Kuyimanje useyingxenye yenkampani ezimele ehlela imicimbi, iToti Sports.

Isikhashana emuva kokuvalwa kwesikhungo abesebenzela kuso phansi kwenkampani iWaste Management Holdings ngoMashi kulo nyaka uthole ithuba lokuthi angene ekuhleleni imicimbi okuyinto athe kade ayeyifisa.

“Engikuthanda kakhulu ngalokhu engikwenzayo wukuthi ngigcina ngithole ithuba lokukhuluma nabantu abahlukahlukene abenza izinto ezinomthelela omuhle emphakathini,” kusho uNksz Shazi.

Uthe yize kubukeka kuwumkhakha okubukeka sengathi sekunabesimame abaningi kuwo akumkhathazi lokhu kanti akumenzi azizwe enengcindezi.

“Kunokuthi ngizizwe nginengcindezi ngizibuza ukuthi yini engangihlula uma ngizama ngayo yonke indlela ukuthi ngiphumelele kwengikwenzayo. Yingakho ngiphezu kwezinhlelo zokuthi nami ngiqale eyami inkampani kulo mkhakha,” kusho uNksz Shazi.

Uthe ubona abantu abaningi benovalo lokulahlekelwa wumsebenzi, bebeka wonke amathemba abo kuleyo nkampani abasebenza kuyo.

Uthe ukulahlekelwa umsebenzi akusikho ukuphela komhlaba kepha kungayithuba lokungena emkhakheni ongakulethela impumelelo.

“Kumele abantu babone ukuthi lokhu okusuke kwenzekile kusuke kungenye indlela yokuthi kuvela amathuba angakwazi ukubabeka lapho befuna ukuya khona. Abangakubheki ngelokuthi kusukwe kwenzeke into embi abangayilindele,” kuqhuba uNksz Shazi.

Uthe okunye okungasiza abantu abaningi ikakhulukazi intsha ukungayidedeli imfundo ngoba ivula amathuba amaningi.

SHOW ALL
Advertisement