UKungoane ukhala ngabathengwe yiChiefs

Comment on this story
no sheks kunga . OWAYEGIJIMA kuKaizer Chiefs u-Isaac "Shakes" Kungoane ushaya amakhala ngabadlali abasayiniswe yileli qembu laseNaturena. Isithombe: GALLO IMAGES

MALIBONGWE MDLETSHE

NGESIKHATHI iNingizimu Afrika yonke ijabulela ukuvula ibhange kweKaizer Chiefs ethenga izibabuli zabadlali ezimisa ithemba lokusiza leli qembu libuyise isithunzi kulezi nsuku, inkakha yakudala yaleli qembu u-Isaac “Shakes” Kungoane ibona okuhlukile.

UKungoane uthi akayiboni iChiefs ibuyisa isithunzi ngoMorgan “Mr Reliable” Gould osuka kuSuperSport United, Siboniso “Pa” Gaxa obuya kuLierse SK yaseBelgium, Eric “Tower” Mathoho, okubhekwe asayine kuChiefs, ngoba akubona empeleni abadlali abazoshayela iChiefs amagoli.

“Ngeke sithi iChiefs ithenga abadlali uma ithenga abadlali basemuva ngoba imiphumela ngeke ibuzwe kubo. Baphi abadlali bezinga elifanayo abazolithunga esiswini nabazoshaya amagoli?” kubuza uKungoane.

Nokho ngaphezu kwalaba badlali Amakhosi asayinise uSandile Hlongwa osuka kwiThekwini Coastal edlala kuSAB, kanti alindele ukusayinisa, uKingston Nkatha oshaye amagoli abalulekile kuBlack Leopards edlala ibhola elihle kulezi nsuku.

IChiefs, eqede isizini edlule incela izithupha ingathathanga nkomishi, ivuselele nezinkontileka zoSithembiso Ngcobo, Mandla “Mzimba Shaker” Masango no-Abia Nale.

Kodwa uKungoane, owayedume ngamaphasi awayewashaya ebheke kwelinye icala, uthi iChiefs ishaywe nabo laba badlali.

“Angikhali ngovuselelwa kwezinkontileka zalaba badlali kodwa angiwuboni umehluko ezowenza ngabo ngoba ibishaywa nabo. UGould usuka kuSuperSport manje umdlali osuka kuleli qembu kuzomthatha isikhathi ukuba angene esitayeleni eseChiefs. Ngabadlali abafana noHlongwa abasuka kuSAB abazokhula nenqubo yaMakhosi,” kusho uKungoane.

Mayelana nokubuya kukaSiyabonga “Doctor” Nkosi obedlala kuLamontville Golden Arrows uthe: “Useke wenza kahle kuChiefs phambilini kodwa ngimbona esezofuna ukuzigqamisa nje kulokhu, hhayi okunye.”

Ukuthula kwabalandeli beChiefs akade bekhala ngokuthi iqembu labo alithengi badlali ngesizini edlule kuzoshayisana nemibono kaKungoane. Nokaputeni waMakhosi u-Itumeleng Khune uke wacashunwa ethi bazosheshe bazwane nozakwabo abasanda kufika kuChiefs ikakhulukazi uGould, Gaxa noMathoho – uma egcina esayinile – ngoba bayazana nakuBafana Bafana.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.