Ukupheka nobaba yisikhathi esikhethekile

Comment on this story
no fathersday . UMLINGISI weRhythm City oMpho Malepo odlala indawo kaFats noyise naye ongumlingisi, u-Arthur Molepo, bepheka njengendlela yokugubha usuku lobaba, olungeSonto

njengoba ngeSonto kuwusuku lokubungaza obaba, bakhona abasazinwaya amakhanda ngoba bedidekile ukuthi bazobenzelani oyise ngalolu suku olubalulekile.

Iningi labesilisa liyazifela ngokudla okwehla esiphundu kanti kuyaye kuze kuncokolwe uma kuyalwa omakoti abazoshada ukuthi uma befuna ukujabulisa abayeni babo kumele baqinisekise ukuthi bayalishaya ibhodwe ukuze bashaye esentwala abayeni babo. yingakho ukuphekela ubaba kungaba yisipho esithokozisayo ngalolu suku kanti ukupheka naye kungaba yisikhathi esikhethekile.

Ukugubha lolu suku, umlingisi weRhythm City, uMpho Molepo, odlala indawo kaFats ube nesikhathi sokupheka noyise naye ongumlingisi, u-Arthur Molepo.

Bobabili laba bangene ekhishini abebelungiselelwe lona ukupheka isidlo sasemini esehla esiphundu.

U-Arthur ungena ekhishini azibize ngoKing Arthur aveze ukuthi uze lapha ukuzozwa isandla sendodana yakhe.

“Ngingumuntu oqikelelayo ukudla ngendlela efanele ngakho ngiyazama ukugwema ukudla okunamafutha nesitashi esiningi,” kusho u-Arthur.

Usheshe akucacise kodwa ukuthi benoMpho bayazifela ngokudla okubabayo.

“Kuba mnandi kakhulu uma kubaba,” usho kanje ehleka.

Uthi ngesikhathi uMpho esayingane wayehlale ehalela ukudla kwakhe okunenyama okubabayo, ekudla ekhala ngenxa yokubaba kodwa eqhubeka adle ngoba wayezifela ngenyama.

UMpho uselingise kwiRhythm City iminyaka eyisikhombisa selokhu yaqala ukudlala.

“Enhliziyweni yami kodwa ngingumculi, yingakho ngikuthanda ukuba kulo mdlalo,” kusho uMpho.

Ngenxa yokuhlale ematasa nokuqopha iziqephu zalo mdlalo, isikhathi esiningi udlela estudiyo.

“Ngizihlalela ngedwa, ngipheka uma ngithola isikhathi ngoba ngiyakuthanda ukupheka.”

Yize enokwesaba ngokudla okuqokwe nguyise ukuthi akupheke, akabanga manqika ukuthi akuzame.

Upheke i-gem squash egxishwe umbila nopelepele, u-broccoli no-cauliflower obilisiwe, isipinashi, inyama yemvu ethosiwe ehambisana namazambane ne-vanilla custard tarts.

Ngenhlanhla ukudla kuphume kuconsisa amathe futhi kunambitheka. bobabili uyise nendodana badle bashaye esentwala baze bathi bazimisele ukuphinde bapheke lesi sidlo – mhlawumbe ngalo usuku lobaba ngeSonto. – Intatheli yeSolezwe


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.