KUBOSHWE umelaphi wendabuko wesilisa ngecala lokudlwengula enye indoda eGoli.

Okhulumela amaphoyisa eGoli, uWarrant Officer Xoli Mbele, izolo uthe lesi sangoma esineminyaka engu-35 besihlala endlini eyodwa eGoli nale ndoda okusolwa ukuthi uyidlwengulile nenye indoda yesithathu.

Kusolwa ukuthi lesi sangoma sinyonyobe sazishutheka embhedeni wale ndoda eneminyaka engu-24 ngesikhathi ilele ngoLwesithathu ebusuku.

“Ukhumule izimpahla abezigqokile wazishutheka embhedeni. Udumele le ndoda wayehlula ngamandla maqede wayidlwengula,” kusho uMbele.

Uthe bekungakacaci nokho ukuthi le ndoda yesithathu abebehlala nayo kule ndlu yona ibikuphi ngesikhathi sesehlakalo.

Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi eGoli ngecala lokunukubeza.