AKAKHATHAZEKILE nakancane umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uClinton Larsen, ngokushiywa nguThembela Sikhakhane okulindeleke ukuthi asayine kweZimnyama maduze.
USikhakhane, oyibamba emuva ngakwesokunxele noma ngakwesokudla, uthushuke kweZimnyama ngempelasonto. Ubengomunye wabadlali abamqoka kuBafana Bes’thende ngesizini edlule.
ULarsen, owadlala kuPirates, uthe: “Asinalo uvalo ngokuhamba kukaThembela. Sinabo abadlali abasezingeni eliphezulu abazokwazi ukuvala indawo yakhe. Ngakwesokunxele emuva sinoSiyabonga Dube noTrevor Mathiane obuye adlale phakathi nenkundla emuva. UJooste (Wayde) naye uyakwazi ukudlala ngakwesokudla emuva. Ngakwesokunxele emuva sibophele uLehlohonolo Nonyane esimthole kuMpumalanga Black Aces. Ngakho asikhathazekile ngokuhamba kukaThembela. Ngaso sonke isikhathi senza isiqiniseko sokuthi sinabadlali ababili noma ngaphezulu abadlala indawo eyodwa.”
KweZimnyama uSikhakhane uyobanga ijezi nezinsika zabadlali ezinjengoThabo Matlaba obuye agqoke ibhande likakaputeni, Patrick Phungwayo noNkosinathi Mthiyane. Ngakwesokudla emuva uzobanga noHappy Jele noNtsikelelo Nyauza.
“UThembela kuzomele asebenze kanzima ngoba ngeke kube lula kuPirates. Uyobanga ijezi nabadlali osekukudala bedlala kuPirates. Ngakho kuzomele abekezele aphinde asebenzise ithuba eliwela kuyena. Ungumdlali oseqophelweni eliphezulu. Ikhono lakhe angilingabazi. Uyamaka futhi uyashoshela kanti ugoba namabhola amahle uma eseshoshelile. Okunye ngoThembela wukuthi uyazinikela uma esenkundleni. Ngaphandle kwenkundla akakaze anginike inkinga okuchaza ukuthi ungumfana oziphethe kahle. Uma eqaphele indlela yokuphila eGoli angingabazi ukuthi konke kuzomhambela kahle,” kusho uLarsen.
NgeSonto i-Arrows izohlanganyela kuKZN Premier’s Cup ezodlalelwa eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay. Abafana Bes'thende bazolinda ozonqoba phakathi kweRoyal Eagles neKings United abazotholana phezulu kowokuqala wokuhlunga ngoMgqibelo ngo-11.30 ekuseni eMhlathuze Sports Complex.
Owesibili wokuhlunga uzoba phakathi kweThanda Royal Zulu naMaZulu enkundleni efanayo ngo-1.30 emini. Ozonqoba uzoshukana neMaritzburg United ngeSonto ngo 9 ekuseni. Abaqeqeshi bamaqembu ayisithupha aseKZN azobamba iqhaza kulo mqhudelwano bazowusebenzisela ukulungiselela isizini entsha yePremier Soccer League eqala ngo-Agasti 23 neyeNational First Division ezizosuka kuyo ngo-Agasti 27.