UKAPUTENI we-Orlando Pirates uLucky “Phinda Mzala” Lekgwathi uzoqwashisa umqeqeshi waleli qembu uJulio Cesar Leal ngamaqhinga okufanele awasebenzise ukuguqula umphumela ongemukelekile womdlalo womlenze wokuqala weCAF Champions League.
ULekgwathi ukusho lokhu ngemuva kokuhlaziya kahle okuyikona okuholele ekutheni iPirates izithole ibhuquziswa yiRecretivo de Libolo yase-Angola ngo-3-1 kulo mdlalo obuseNelson Mandela Bay ngeSonto.
Kulo mdlalo, iPirates ebiphambana nalo, izithole isilandela ngemuva ngo-2-0 kusaphele imizuzu engu-12. Ziye ekhefini kungu-2-0 okuthe uma zibuya kwaphinde kwangena elesithathu okuyinto engeyinhle uma udlalela ekhaya. Elokubika ekhaya iPirates ize yalithola esikhathini esengezwe wunompempe.
“Ngeke ngikutshele okwenzekile kodwa indlela ebesiphambana ngayo nebhola ngeke ngiphike uma kungathiwa sishaywe ngezinto zabantu. Lokhu kufakazelwa wukuthi ngemuva kokungena kwegoli lesibili ngisho unozinti wethu (uSenzo Meyiwa) ungibizele eceleni wangibuza ukuthi kwenzekani ngoba sonke besingazi ukuthi ngempela kwenzekani.”
Lo kaputeni obematasa elungiselela ukuyoqala amalungiselelo omdlalo wabo weligi nePlatinum Stars (kusasa eRoyal Bafokeng Stadium ngo-7.30pm) uthe kungumsebenzi wakhe ukuqwashisa umqeqeshi uma engaboni kahle.
“Kucacele noma ubani sekungene uTlou (Segolela) noTokelo (Rantie) ukuthi iRecretivo iyaxakeka uma uyixina ngejubane. Kusobala ukuthi laba badlali kufanele bawuqale noma yikanjani umdlalo emlenzeni wesibili futhi kusemqoka ukuthi siqale ngabagadli ababili,” kusho yena.
ULekgwathi uyakuqonda ukuthi umdlalo womlenze wesibili uzokuba nzima kodwa ukholelwa ekutheni bangakugwema lokho uma bengashintsha indlela abaya ngayo kulo mdlalo.
“Siwuqale lo mdlalo ngendlela esivamise ukwenza ngayo kweyeligi. Eqinisweni libe lapho iphutha ngoba kuChampions League into esemqoka amagoli. Indlela abebenza ngayo ozakwethu kuzofanele ishintshe ngoba umjiko ongayi ndawo ngeke usisize ekuhambeni. Kufanele sikhohlwe okuningi kepha siye kulo mdlalo nomqondo wokuhlasela zisuka,” kusho yena.
NgowePlatinum uLekgwathi uthe bawulindele futhi uyabethemba abadlali bakhe ukuthi bazobhukula bawunqobe lo mdlalo ngoba isicoco seligi sisemqoka njengoba kubaluleke iChampions League kubona.
U-Owen Da Gama opheka iStars uthe balindele umdlalo onzima njengoba bebhekene neqembu elibophele inqwaba yabadlali abakhulu.
“IPirates engiyaziyo ngeke ivumele ukushaywa imidlalo emibili ilandelana ngakho-ke silindele umdlalo onzima. Inkinga wukuthi sibhekene nenkinga yabadlali,” kusho uDa Gama.
Izethenjwa oJoseph Molangoane, Robert Ngambi, Morgan Shivhambu noSipho Nkosi ngeke badlale koweBucs ngenxa yezizathu ezahlukene. Komunye umdlalo iBlack Leopards izokwamukela iBloemfontein Celtic ePeter Mokaba Stadium kusasa ngo-7.30pm ebusuku.
|
|
menzi zulu dut, wrote
sundowns isiqalile ilahla amaphuzu isiding o singekho nginethemba futhi umdlaloolandelalo uzoba idraw futhi uma ubheka idowns edlala ngayo yinhle kodwa ayinamphumela.majoro lokhu akubhalelile into engabukelekile futhi kumele ajeziswe psl ukuze nabanye bathole isfundo ngalento
mjasto, wrote
Mina ngokubona kwami kunzima kakhulu ukuthi zingenza loyamlando owenziwa ngo silent asikhohlwe asivele sinake yona ileg siziduduze ngayo
Anonymous, wrote
sphelele, wrote
eish.....!!!!!mabhakabhaka ningphoxile man yaz.ukuphi uSfiso Myenivele.y did we sign him kanti if we still cant use enough strikers.cum on coach,this is pirates.if u dont peform u gna get in to the flight soon.hope guys will do well in next league match against P stars and then turn things around in the second leg.shapa bhakhaniya shapa!!
Showing items 1 - 4 of 4
Services
Comment Guidelines