Advertisement
X

ULentjies ufuna ezakhe zibhukule

UKAPUTENI weMaritzburg United, uKurt Lentjies, ufuna babhukule kunakuqala phezu kokuba iqembu liqale isizini ka-2016/2017 kangcono kunedlule.

ITeam of Choice, esinde ezembeni sekuvalwe amehlo ngesizini edlule, ayikaze ihlulwe emidlalweni emibili esayidlalile kusukela kuqale isizini entsha. Iqoqe amaphuzu amathathu emdlalweni wokuqala wesizini ngesikhathi ihlula iBloemfontein Celtic ekuhambeni.

UKAPUTENI weMaritzburg United, uKurt Lentjies, wethemba ukuthi bazoqhubeka nokuqoqa amaphuzu uma sebebhekene neSuperSport United emdlalweni we-Absa Premiership, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, namuhla ngo-7.30 ebsuku Isithombe: BACKPAGEPIX. Credit: BackpagePix

Ngesonto eledlule ibambane ngo 0-0 neMamelodi Sundowns eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. Ngesizini edlule iMaritzburg ihlale emsileni we-log kusukela iqala kwaze kwaba wumdlalo wokugcina nobekwenza abalandeli bengabulali ubuthongo ngenxa yokukhathazeka.

ULentjies uthe phezu kokuba iqembu likhombisa ukuthuthuka kakhulu uma kuqhathaniswa nangesizini edlule kodwa kuningi okusafanele bakulungise.

“Isizini isaqala, izinto azikahlangani kahle. Indlela abadlali abahleleka ngayo nokuphaselana akukafiki ezingeni elifanele. Kodwa ngiyethemba ukuthi ngokuqhubeka kwemidlalo sizoba ngcono kakhulu,” kusho uLentjies oshaye igoli iTeam of Choice enalo kule sizini.

“Inkinga yethu yizinqumo esizithathayo uma sesifike ngasemapalini. Okufanele sikwenze wukuqoqa amaphuzu ngokushesha. Amaphuzu amane emidlalweni emibili awakhalisi kakhulu uma uqhathanisa nendlela esiqale ngayo ngesizini edlule.”

Umqeqeshi weMaritzburg, u-Ernst Middendorp, usayinise inqwaba yabadlali abasha okulindeleke ukuthi basize leli qembu elisemkhankasweni wokujabulisa abalandeli. Namuhla iTeam of Choice izokwamukela iSuperSport United emdlalweni wePremiership eHarry Gwala ngo-7.30 ebusuku. Izongena emdlalweni iphikwa wumlando kwazise emidlalweni ewu-14 kusukela ngo-2009, isawine kabili kuphela nokwenzeke ngo-2014. ISuperSport isihlule iMaritzburg izikhawu eziyisithupha okukhona umdlalo wango-2011 eyayibhudluza kuwo ngo 7-0. La maqembu asadlale ngokulingana emidlalweni eyisithupha.

“Yonke imidlalo inzima. Sesiqala ukuhlangana, nabadlali abasha sebeqala ukuyiqonda indlela umqeqeshi afuna sidlale ngayo. Kufanele siqoqe amaphuzu kusakhanya. Akufanele sizithele ngabandayo,” kusho uLentjies.

SHOW ALL
Advertisement