Advertisement
logoSections

Ulinde imiphumela kaMatric uHotstix

FANELESIBONGE BENGU

UZOYITHOLA ngesonto elizayo imiphumela yakhe kaMatric umculi ohlonishwa umhlaba wonke uSipho “Hotstix” Mabuse obuyele esikoleni ngemuva kokusishiya wagxila emculweni.

UZOYITHOLA ngesonto elizayo imiphumela yakhe kaMatric uSipho Hotstix Mabuse njengoba ebeqedela wona nonyaka. Isithombe: Dumisani Dube. Credit: INLSA

UMabuse wodumo lokudlala imfiliji uvuke ekuseni izolo wabhala enkundleni yezokuxhumana, i-Twitter ukuthi akasakwazi ukulinda ukuthola imiphumela yakhe kaMatric.

“Isonto elisha okungenzeka izinto ezintsha kulo kodwa uma unomqondo osabalele. Namhlanje ngithola imiphumela yami kaMatric. Lo mfundi ujabule,” kubhala uMabuse kuTwitter.

Kodwa ukujabula kukaMabuse kusheshe kwaphela njengoba ethole ukuthi imiphumela yakhe uzoyithola ngoJulayi 27.

“Ngisesikoleni nje manje, kuthiwa imiphumela ayikakafiki kodwa sizoyithola ngesonto elizayo,” kusho yena.

Uthe kulo nyaka ubenza izifundo ezintathu okuyiHistory, Geography neBusiness Economics njengoba ngonyaka odlule wayenza eziyisithupha.

“Ngangenza izifundo eziyisithupha ngonyaka odlule kodwa ngaphumelela ezine kwasala ezimbili kodwa ngivele ngabona ukuthi nginenezele esinye kulo nyaka,” kusho yena.

Uthe uma esewuphothulile uMatric uzodlulela enyuvesi lapho ezokwenza khona izifundo ze-Anthropology.

“Ngifisa ukwazi ngezemvelo, ngifunde ngamasiko abantu nangemvelaphi yomculo. Ukuze sibe yisizwe esiphumelelayo kumele sihlome ngolwazi sifunde,” kusho uMabuse.

Uthishanhloko wasePeter Lengene Adult Basic Education Training School efundelwa eThaba Jabula Secondary School, eSoweto, uMnuz Japie Masombuka, uthe uMnyango wezeMfundo uthe imiphumela bazoyithola ngesonto elizayo.

UMasombuka uchaze uMabuse njengomfundi ohlukile kulabo aseke waba nabo esikoleni.

“Asikaze sibe nomfundi onjengaye. Ukuba khona kwakhe kunikeze ithemba nabanye. Ungumfundi ohloniphayo, usebenza kanzima futhi uyayenza nemisebenzi yakhe yasekhaya (homework), uma engeke aze ephumelele esikoleni uyabika bese siyakwazi ukuthi simsize uma esebuyile futhi wenza kube lula ukufundisa. Uyisibonelo kwabanye abafundi ngendlela asebenza ngayo ngakho kangingabazi nakancane ukuthi uzophasa,” kuncoma uMasombuka.

SHOW ALL
Advertisement