INTATHELI YESOLEZWE
U PHENDUKE “iqhawe” ezinkundleni zokuxhumana uMnuz Sam Meyiwa onguyise kanozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana obefihlwa ngempelasonto.
Isenzo sikaMeyiwa sokuphuma agamanxe ewindini lemoto ebithwele isidumbu, ephakamise izandla ebingelela izinkumbi zabalandeli ebezigcwele enkundleni iMoses Mabhida, sithathe elinye igxathu izolo ezinkundleni zokuxhumana abantu befaka izithombe abazishuthe ezimotweni zabo bemlingisela.
Yize lokhu bekubukeka njengehlaya kepha abanye osaziwayo abafake izithombe zabo bathe bakwenza ngoba behlonipha uSenzo.
Kuqale ngokuthi abantu bazwakalise ukudideka ngokwenziwe nguMeyiwa ngoMgqibelo, abanye bethi abakholwa ukuthi umuntu oshonelwe kufanele abonakale enza lokhu.
Ubonakale evela ngaphandle kwewindi lemoto sakutshuza yize izulu lalina.
Izolo izinkundla zokuxhumana iFacebook, Twitter ne-Instagram bese kubhuza izithombe abantu abazithathile nosaziwayo bengazibekile phansi befaka izithombe zabo.
Phakathi kosaziwayo ababonakale befake izithombe zabo kubalwa oHHP, DJ Fistaz Mixwel, Cleo, C-Live noSol Phenduka.
UDJ Cleo uthe: “Ukutshengisa ukuzwelana nabakwaMeyiwa nokubungaza impilo kaSemzo, faka isithombe sakho se-#SamMeyiwaPose.”
Ngemuva kwalokho kube sengathi uvukuze isidleke sezinyosi njengoba inqwaba yabantu ifake izithombe zayo.
Izithombe zamukelwe ngezindlela ezahlukene abaningi bebehleka bebabaza uMeyiwa njengoqale isitayela esingandile.
Ibhuntshile imizamo yokuthola ukuphawula kukaMeyiwa nangoLwesine owabonakala ephakamisa izandla enza uphawu lwamaBhakabhaka phambi kwesithombe sikaSenzo enkonzweni yesikhumbuzo eyayiseStandard Bank Arena, eGoli.
Kugcine sekuphendulwa ihlaya lokhu ngokuthi kushintshwe isithombe sikaMeyiwa, kukhishwe ikhanda lakhe kufakwe elikaMnuz Sibusiso Gcabashe owasusa idumela ezibiza ngomculi kamaskandi ongasekho uMgqumeni.
Abanye bafake isithombe sika-Oscar Pistorius evela phakathi kwezinsimbi zasejele naye eneke izandla.