FANELESIBONGE BENGU
UMCULI wakuleli oseklonyeliswe ngenqwaba yezindondo, uLira, uqokelwe emiklomelweni yaphesheya kwezilwandle, amaBlack Entertainment Television (BET) Awards azoba ngoJulayi 1 eLos Angeles, eMelika.
ULira, owuLerato Molape, oshadele kwaKohl, uqokelwe emkhakheni weBest International Act emqhudelwaneni ozoba seShrine Auditorium uhlelo lwayo oluzobe luphethwe ngumlingisi uSamuel L Jackson.
Kuleli qoqo uLira uqokwe noWizkid waseNigeria, Sarkodie (Ghana), Mokobe (Mali), Ice Prince (Nigeria) noCamp Mulla (Kenya).
Ulandele ezinyathelweni zeqembu lakuleli le-hip hop, iTeargas, eyayiqokelwe eqoqweni elifanayo nyakenye kodwa lakhala ngaphansi ihlulwa ngu-2Face Idibia noD’Banj baseNigeria bobabili abawina.
Ngaphandle kwaleli qembu nomrepha uHip Hop Pantsula naye wake waqokwa.
ULira, obekuzwakala ukuthi ujabule, uthe ukuqokwa kwakhe kusho ukuthi abantu baseMelika bayawujabulela umculo wakhe.
“Kumnandi ukuthi ngiqokiwe, ngijabule. Lokhu kukhomba ukuthi kukhona umehluko owenziwa ngumculo wami kubantu baseMelika. Ngike ngahambela khona ngonyaka ophelile ngiyocula kanti ngenyanga edlule nje iyodwa bengisekhasini lokuqala emabhukwini akhona amathathu,” kusho uLira ngenjabulo.
Uqhube wathi: “Ngicabanga ukuthi yimina owokuqala umculi we-soul oseke waqokelwa kuleli qoqo ngoba isikhathi esiningi kuba ngabantu be-hip hop.”
Uveze ukuthi uzoke athi ukunyamalala isikhathi cishe esingangenyanga ese-Italy ukuyomaketha ifilimu alingisa kuyo yakuleliya zwe, i-The Italian Consul.
“Ngizoqala e-Italy ngaphambi kokuya eMelika ukuze ngithi ukuyozimaketha khona kancane bese ngibuya ngo-Agasti ngoba ngizokhipha iDVD yami ngaleyo nyanga.
“Le DVD yile engangiyiqopha ngonyaka odlule iThe Captured Tour lapho ngahambela khona amadolobha ahlukene afana naseThekwini naseKapa,” kusho uLira.
Kusasa lo mculi uzobe enandisa e-ICC eThekwini emcimbini wokuzigqaja ngobu-Afrika, i- African Renaissance Festival lapho ezobe eshiyelana inkundla khona noThokozani “Somnandi” Langa, Zakes Bantwini noDJ Sgqemeza woKhozi FM.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services