MCEBO MPUNGOSE
ABETHULI bezinhlelo abangaconsi phansi kuleli, uBoity Thulo noLuthando Shosha basola abantu besifazane ngokuba ngobhongoza abakhulu ekugxekeni ngendlela abagqoka ngayo ezinkundleni zokuxhumana. Lezi zihlabani zethelevishini kuleli zibhekane nempelasonto enzima ezinkundleni zokuxhumana okudalwe indlela ebebegqoke ngayo kumaSouth Africa Music Awards ngoMgqibelo eThekwini.
UBoity, weClub 808 edlala ku-e.tv, ugxekwe ngokugqoka ingubo emfishane okusolakale ukuthi ibiveza isitho sakhe sangasese kwesinye sezithombe.
ULuthando, we-Urban Music Experience edlala kuSABC 1, ngakolunye uhlangothi ubegqoke ingubo ebinomqhewu ofika okhalweni ebiveza lonke ithanga lakhe. Abalandeli balo methuli bameyise ngokuba ne-cellulite namadolo anezifaca.
Beziphendulela ngalokhu kugxekwa, uBoity uthe ngeke avumele indlela abukwa ngayo imenze awuzonde umzimba wakhe.
“Ukweyiswa ngomzimba wami kuqhamuka kakhulu kubantu besifazane. Ngeke ngivumele indlela eningibona ngayo ukuthi ingenze ngingawuthandi umzimba wami. Ngiyawuthanda futhi ngizowugqokisa ngendlela engiyithandayo. Ngeke ngigqoke into engingayithandi ukuze ngigculise abantu abanenkinga nokuthi ngikhululeke kangakanani emzimbeni wami,” usho kanje.
ULuthando uhambe emazwini kaBoity naye ekhipha esakhe isitatimende ethi abantu kumele bakhule bakwamukele ukuthi abantu besifazane banamathuthuva emathangeni futhi asikho isidingo sokuzenyeza ngalokho.
“Into engithusa kakhulu wukuthi abesifazane yibona bodwa abebekhuluma ngezifaca ezisemadolweni ami nama-cellulite. Ngeledlule besihlangene sikhala ngezithombe zikaLerato, manje nina, bantu besifazane, ningabokuqala ukusitshela ukuthi imzimba yethu ibheda kuphi,” usho kanje.
USolwazi ekuthuthukisweni kwabantu besifazane uMabuyi Gumede, weNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uthe esinye sezizathu ezihamba phambili ngokugxekana phakathi kwabantu besifazane wukuthi bakhula kuyisiko kubo ukubonisana ngendlela abagqoka ngayo.