ULuzipo ubuyiselwe okwesithathu kweseCosatu

Comment on this story

SIPHO KHUMALO

UNOBHALA weCosatu KwaZulu-Natal uMnuz Zet Luzipo uphinde wabuyiselwa okwesithathu kulesi sikhundla kanti lokhu kungawenyusa namathuba okuthi uMengameli Jacob Zuma aphinde aqokwe engqungqutheleni yokukhetha ubuholi bukaKhongolese eMangaung ngoDisemba.

ULuzipho nguye othathwa njengowahola abasebenzi baseKZN ngesikhathi kukha-nkaselwa ukuthi kuqokwe uZuma ePolokwane ngo 2007.

Umhlangano wezinsuku ezintathu weCosatu ogoqwa namuhla eMgungundlovu unenqwaba yalabo okukholakala ukuthi beseka uZuma kanti futhi kulindelekile ukuthi athole amalungu eCosatu amaningi avela eKZN azomeseka.

Ngesikhathi kukhankaswa kubhekwe ePolokwane, uLuzipo wethusa abaningi ikakhulukazi osomabhizinisi baseMgungundlovu ngesikhathi exwayisa ngokuthi kuyochitheka “igazi” emigwaqweni yaleli dolobha uma iNational Prosecution Authority (NPA) iphinda imbeka icala uZuma ngemuva kokuba icala ayebekwe lona lachithwa enkantolo yiJaji uChris Nicholson.

Isitatimende sikaLuzipho sagcina sihoxisiwe okhulumela iCosatu kuzwelonke uMnuz Patrick Craven, owathi iCosatu ngeke isebenzise udlame. NoZuma watshela labo ababemeseka ukuthi akumele basebenzise udlame.

Izolo uLuzipo uqokwe ngo-elethu kwase kubakhona isikhundla esisodwa ebesibangwa – leso sikasihlalo wesifundazwe.

Ebusuku izolo bekulindeleke ukuthi obengusihlalo uMnuz Basil Cele abhekane noNkk Beauty Zibula weSouth African Clothing and Textile Workers Union (Sawctu).

Umhlangano uzovalwa namuhla.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.