FANELESIbONGE BENGU

UPHROJUSA wabaculi bowokholo eThekwini uLwazi Mngomezulu uthi ufuna ukubusisa abantu ngezinsimbi zomculo wokholo ezihamba zodwa zingaphelezelwa mazwi.

ULwazi osephrojusele abaculi okubalwa kubo uSfiso Ncwane, Thinah Zungu, Amaqhaw’Ezulu, Sgwili noBabo nabanye, uthe umatasa uhlanganisa i-albhamu yowokholo eshaya ngezinsimbi zodwa.

Lo phrojusa owaqokelwa emkhakheni weBest Engineer kumaSABC Gospel Crown Awards nyakenye kodwa wakhala ngaphansi, uthe uthathe izingoma zakudlala ezaziwayo wazenza kabusha ngezinsimbi.

“Sekukudala le nto yagcina ukwenziwa, uma ngikhumbula yagcina ngoSizwe Zakwe kudala. Ngithathe izingoma ezazidume ngezikhathi zakudala ngazidlala ngepiyano, izimfiliji nezinye izinsimbi,” kusho uLwazi ongumnikazi weNMZ Productions enesitudiyo ku-Albany Groove enkabeni yeTheku.

ULwazi uthe phakathi kwezingoma azenzile kubalwa eyomculi osewashona nosanda kukhunjulwa, uVuyo Mokoena ethi Imisebenzi Iyabonakala.

“Zikhona nezinye ezifana nethi Ngobekezela kanti sezizonke zizoba ngu-12. Engingakusho wukuthi kuzoba yi-albhamu emnandi futhi okuzoba lula kubantu ukuthi bayicule uma bedumisa,” kusho uLwazi.