Advertisement
logoSections

UMahoota uthi akagqugquzeli uphuzo ngengoma iStokfel

UPHIKA eyokuthi ugqugquzela abantu ukuba bacwile ezimbizeni zikaFaro uDJ Mahoota, ingoma yakhe eshisa izikhotha kulezi zinsuku.

Lo DJ, ophinde abe ngumqondisi wenkampani yomculo iKalawa Jazzmee, uthi ingoma yakhe ethi Stokfel, ayihlangene nokukhangisa utshwala.

UDJ Mahoota wengoma eshisa izikhotha kulezi zinsuku ethi Stokfel, athi uzonyakazisa ngayo iTheku kule mpelasonto. Credit: ISOLEZWE

UZayne Sibika owaziwa kakhulu ngoDJ Mahoota uthe ngale ngoma ukhumbula izikhathi lapho okwadedelwa owayenguMengameli wokuqala omnyama ejele uMnuz Nelson Mandela.

“Ngalezi zikhathi le ngoma yayidume kakhulu wonke umuntu ekhuluma ngayo. Okunye ikhuluma ngestokfela okuyinto thina bantu abamnyama esiyikhonzile ngoba yenza ukuthi songe imali,” kusho uMahoota.

Uthe kungekudala uzobonakala noManqoba okunguyena ocula phambili kule ngoma eyishaya bukhoma ezindaweni zobumnandi kanti kuyona le ngoma kunoProfessor no-Oskido.

Le ngoma yaduma kakhulu ngama-90’s iculwa yiqembu, iVuka Afrika.

UMahoota uthi le ngoma ikwi-albhamu yakhe entsha enezingoma ezingu-30, ibizwa ngoDinaledi, phakathi inama-CD amathathu kodwa uthe inani layo lizokuba ngele albhamu eyodwa.

Uthe kunengoma ethi Via Orlando kaMonwa &Sun okukhona kuyo uDr Malinga athe izoshisa izikhotha.

“Ngiphinde ngasebenzisa ingoma kaLetta Mbulu ethi, Not Yet Uhuru eculwa nguCelimpilo. Noma ikanjani ngizozidlala lezi zingoma kule micimbi engizoyihambela njengoba ngiseThekwini,” kusho uMahoota.

Uthe le albhamu yakhe ingeyomndeni wonke ngoba kunezingoma zomculo wokholo, i-hip hop, house ne-kwaito.

Uveze ukuthi izobe seyitholakala ezitolo ngoMsombuluko.

SHOW ALL
Advertisement