UMalema ngeke abuyele ku-ANC

Comment on this story
no malema REUTERS Julius Malema

MDU NCALANE

Ebika eseMangaung

UWAYENGUMENGAMELI wophiko lwentsha owaxoshwa kwi-African National Congress kumele akhohlwe wukuthi uyoke abuyiselwe ubulungu bakhe kulo mbutho.

UMnuz Julius Malema (osesithombeni) ushaywe ngesithende yingqungquthela yalo mbutho elindeleke ukuba iphele namuhla eMangaung. Ngisho obhululu bakhe abebeyizithunywa zophiko lwentsha abazange bayithu vu indaba yakhe.

Incwadi ayithumelele uNobhala-Jikelele we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, enxusa ukuba ingqungquthela ibuyekeze isigwebo sakhe, nayo ishaywe indiva. Lokhu bekuyithemba lokugcina kuMalema ukuba kubuyekezwe isinqumo sokukhonjwa kwakhe indlela kuKhongolose.

UMnuz Mantashe, ukuqinisekisile izolo ntambama ukuthi incwadi kamalema ifikile. “Siyitholile incwadi kaMalema futhi ifike ngomhlaka-16 isiqalile ingqungquthela. Le ncwadi ifike ingqungquthela isiyiklamile indima ezohlakulwa. ngakho-ke besingeke sisayifaka ndawo. Udaba lwakhe futhi aluvukanga ngisho ezithunyweni ezethamele le ngqungquthela nokwenza ingaludingidi nhlobo,” kusho uMantashe, uSihlalo weKomidi ebelididiyela le ngqungquthela.

Uqhube wathi ngokomthethosisekelo we-ANC, nenqubo yokuqondiswa kobugwegwe, udaba lukaMalema lwaphela mhlazana ekhonjwa indlela.

“Ngokwenqubo yokuqondiswa ubugwegwe kwa-ANC, isinqumo esithathwe yiNational Desciplinary Committee of Appeasl (NDCA), singujuqu, ngakhoke ngeke usaphinde usibone sikhuluma indaba kaMalema,” kusho uMantashe.

IPhini likaMengameli we-ANC Youth League, osabambe isikhundla sokwengamela lolu phiko, uMnuz Ronald Lamola, uzwakalise ukunengeka kwakhe kuleli sonto ngokufaka incwadi kukaMalema.

“I-ANCYL ibingazi lutho ngodaba lwencwadi efakwe nguMalema. Sizithola siphoqeka manje ukuthi singabe sisaluphakamisa engqungqutheleni njengokwezinhlelo zethu ngoba kuyacaca ukuthi akasalwethembi uphiko njengoba lwalushilo lwathi luyameseka futhi luzoluphakamisa kule ngqungquthela lolu daba,” kusho uLamola.

UMalema ukhonjwe indlela ngasekuqaleni kwalo nyaka emuva kokuba etholwe enecala lokudicilela phansi igama lenhlangano, nokudala uqhekeko kuyona. Udaba lwakhe luqale ukushuba nyakenye kanti ngoJanuwari nonyaka ikomidi lokuqondisa ubugwegwe eliholwa nguMnuz Derrek Hanekom. lamthola enamacala lamgweba kodwa walidlulisela phambili kwi-NDCA eholwa nguMnuz Cyril Ramaphosa, nayo eyathola ukuthi isigwebo se-National Desciplinary Committee sasishaya emhlolweni, yase imkhomba indlela. Abaholi ayethweswe nabo amacala balolu phiko okwakunguNobhala-Jikelele walo, uSindiso Magaqa, nowayengumkhulumeli walo, uFloyd Shivambu, IPhini likaNobhala-Jikelele, uKenoetswe Masenogi, nabanye bona ubulungu babo bamiswa unyaka owodwa umuntu ngamunye.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.