INLSA
Bongi MaNgema Zuma
MBONGISENI BUTHELEZI
UNKOSIKAZI kaMengameli wakuleli uJacob Zuma, uBongi MaNgema Zuma (osesithombeni) uzibophezele ukuhlanganyela nabazogijima kuSpar Ladies 10-5 km ewuchungechunge lwemijaho emihlanu eba ezifundazweni ezahlukene kuleli.
UMaNgema osanda kushada noZuma okumenza unkosikazi wesine uphumele obala ngesikhathi ehambele ukuthulwa kwale mijaho ePitoli, ngeledlule.
“Nami ngizoba yingxenye yale mijaho kusukela manje. Ngiwugijimile okokuqala eThekwini lo mjaho ngawuthokozela kakhulu. Ngifuna ukuqhubeka lapho ngigcine khona ngizogijima futhi ePitoli. Ukugijima kuhle ngoba kugcina umzimba wakho unempilo. Kuhle nakubantu abafana nathi abanesifo sikashukela engasithatha kumama wami, bayasizakala impela. Lesi sifo siyingozi ngoba sibulala buthule kanti singakugila uma ungasisukumelanga kusenesikhathi,” kusho uMaNgema.
Umjaho wokuqala uzoba seThekwini ngoJuni 24 eKingsmead Stadium, uzolandelwa osePitoli ngo-Agasti 25.
Eminye izokuba seMgungundlovu, Port Elizabeth, eKapa naseGoli.
Umqondisi wemijaho uDesmond Borrageiro, uthe ulindele ukuthi kubekhona abagijimi abasezingeni abazoba yingxenye yalolu chungechunge.
“Sizobe sinabagijimi okubalwa kubo oRene Kalmer, Irvette Van Blek nabanye abangosaziwayo. Sizobe sinemoto ezonqotshwa kuwo lo mjaho. Siyajabula ngokuthi lo mjaho (wasePitoli) uzobe ungenyanga yomama. Babaluleke kakhulu emnothweni wezwe ngaphandle kokuthi baletha imiphefumulo emhlabeni. Abantu kufanele bazi ngeqhaza elibalulekile labesifazane,” kusho uBorrageiro.
UKalmer ozoya komela elakuleli kuma-Olympics eLondon, uthe usekulungele ukuthi agijime kule midlalo lapho ezobe eyibambe emjahweni wabesifazane.
Uthe ikhona neminye imijaho azoyigijima elungiselela ngayo umjaho wama-Olympics.
“Okwamanje ngisagxile kakhulu kuma-Olympics ngingasho ngithi iSpar ngizobuya ngizogijima kuso ngemva kwaleyo midlalo,” kuchaza uKalmer.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services