Advertisement
X

UMandela ubalekela isikweletu semoto

UMZUKULU kaMandela, uZondwa kuthiwa uyanqaba ukukhokhela inkampani i-Investec ayikweleta imali yemoto.

Iphephandaba langeSonto, i-Sunday Independent elinguzakwabo weSolezwe, libike ukuthi uyagoloza nokubuyisela emuva le Mercedes Benz S320 CDI ka-2008 ebiza u-R669 000.

Okhulumela i-Investec, uHoward Tradonsky, uthe bathola imvume enkantolo yokuthi bayidle le moto.

“Wake wayikhokhela phambilini. Asenzi okwehlukile kuMnuz Mandela njengoba bonke abahluleka wukukhokha sibadlela izimoto,” usho kanje.

Umphenyi uHoward Blumenfeld waqasha le nkampani ukuthi ithungathe ikheli okuhlala kulo uMandela njengoba ayengaziwa ukuthi ukuphi.

Isikhonzi senkantolo savakashela umuzi okuhlala kuwo uDkt Nelson Mandela nelungu lePhalamende uNkk Winnie Madikizela ukuthola imoto kodwa asizange siyithole.

“Siyaxhumana noZondwa njengoba ngimfonela cishe nsuku zonke futhi ngiyamthumelela nemiqhafazo. Ungithembisa ukuthi imali izongena uzokhokhela ibhange kodwa okungenzeki,” usho kanje.

Imizamo yokuthola uZondwa iphunzile, ngokusho kweSunday Independent.

SHOW ALL
Advertisement