Advertisement

UMandela ubeyijaji kokaMiss World

UKE wathi ukukhohlwa yizinkinga zamakhosikazi akhe umzukulu kaNelson Mandela, uMandla Mandela, wanaka iziphalaphala zezintokazi ezingu-116 eziqhamuka emazweni ehlukene ngempelasonto.

UMandla ubeseChina lapho ebeyijaji likaMiss World, obubukiswa bukhoma ngoMgqibelo emhlabeni jikelele, okuwine kuwo intokazi yakhona eChina, uYu Wenxia.

USHIYE izinkinga zakhe waya koba yijaji kuMiss World, eChina, uMandla Mandela. Credit: SABC3

Ngaphambi kokubonakala kuthelevishini kulo mqhudelwano uMandla ubesangundabuzekwayo kuleli. ngeledlule uphike ukuthi izalwa nguye indodana kankosikazi wakhe wesibili, u-Anais Grimaud.

Ushaqe abaningi kade edalula ukuthi usola omunye wabafowabo ngokumudla izithende wakhulelisa unkosikazi wakhe, osephindele kwelakubo e-Reunion.

Phezu kwalokhu unkosikazi wokuqala kaMandla, uTando Mabuna, uthe uMandla akanayo inzalo.

UMandla washada uTando ngo-2004, u-Anais washadwa ngo-2010, nyakenye washada uMbalenhle Makhathini.

Evela kuthelevishini eyijaji kuMiss World, uMandla ubebukeka engenankinga futhi eyincwasimende ngenkathi etshela umhlaba ukuthi uyaweseka lo mqhudelwano.

“Kumele sibaseke ngayo yonke indlela yikhona bezokwazi ukuthuthukisa imiphakathi abavela kuyo,” kusho uMandla.

Kulo mqhudelwano iNingizimu Afrika ibimelwe nguRemona Moodley, owaphuma isibili kuMiss South Africa, othe uke waxoxa noMandla ngaphambi komqhudelwano.

“Yebo ngikhulumile naye, uthe uzobe eqhakambisa iNingizimu Afrika ezethamelini,” kusho uMoodley.

Ukuwina kwentokazi yaseChina kulo mqhudelwano kwenze abanye bashaya amakhala bethi akuvamile ukuthi izwe okuyilona elingusokhaya womqhudelwano liphume phambili.

SHOW ALL
Advertisement