Umangele umndeni ujuqwa yisisu

Comment on this story
no poison2 INLSA UMNUZ Mandlenkosi Hadebe waseNazaretha ngasePinetown uthi usadidekile namanje ukuthi ingane yakhe ibulawe yini ngempela njengoba nabo besajuqwa yizizu namanje. Izolo bebesesesibhedlela nezingane zabo ezimbili nomkakhe

BONISWA MOHALE

KUSHONE ingane (9) kwalaliswa abane esibhedlela emuva kokuthi bedle isitambu bakhishwa yizisu ngeSonto.

Kulesi sigameko kushone u-Anele Hadebe kwalaliswa esibhedlela unina uNkk Gugu Bhengu (38), uMnuz Mandlenkosi Hadebe (58), Amahle Zungu (5) no-Andile Mkhize (12) baseNazaretha eduze kwasePinetown.

Ngokusho kukaNkk Bhengu umndeni uqalwe wajuqwa yizisu ngoMgqibelo kodwa bazitshela ukuthi bashiswe yilanga ngoba babebuya enkonzweni.

“Sabuya eSabatheni siphethwe yizisu nobaba sathola nezingane zikhala ngaso isisu. Mina ngalala ngingadlile ngeSabatha ngize ngadla ngeSonto sengidla isitambu esingathoseliwe ebengisigxabhisile, izingane zadla u-curry wethini likabhontshini onamazambane nophuthu,” kusho uNkk Bhengu.

Uthe isitambu usithosele ngoMsombuluko kanti basidle nenkukhu ethosiwe.

no poison1 UMNUZ Mandlenkosi Hadebe waseNazaretha ngasePinetown uthi usadidekile namanje ukuthi ingane yakhe ibulawe yini ngempela njengoba nabo besajuqwa yizizu namanje. Izolo bebesesesibhedlela nezingane zabo ezimbili nomkakhe. Isithombe: NQOBILE MBONAMBI INLSA

Uthe yilapho izingane ziqale ukugula khona kakhulu no-Anele sathi uma simthola ekamelweni samfica esezimoshile, kungathi nekhanda alithathi kahle. Sibe sesicela usizo komakhelwane basiphuthumisa esibhedlela kodwa u-Anele satshelwa ukuthi ushonile uma esexilongwe ngodokotela. Angazi ukuthi empeleni ngizothi siguliswe yini ngoba ngesikhathi izingane nobaba bekhala ngesisu ngibaphuzile utshwala besiZulu obunoviniga,” kusho uNkk Bhengu.

Amazwi akhe ananelwe ngumyeni wakhe uMnuz Hadebe othe usadidekile ngokwenzekile ngoba ngeke bazi ukuthi bekuyisisu sokudla okuphekwe ekhaya noma yilanga.

Uthe sebelinde ukuthi ingane ihlolwe wodokotela ukuze bazi ukuthi yini ngempela umsusa walesi sisu esijuqe umndeni.

UHadebe nomkakhe bakhale ngokuthi abanawo amandla okufihla ingane yabo njengoba ephila ngokubamba amatoho kanti unkosikazi wakhe akasebenzi.

UNkk wakhe uveze ukuthi banomasingcwabisane ozokhipha ibhokisi kuphela kodwa abazi okunye kuzovelaphi, ucele noma ngubani ongasiza ukuba ababheke.

Umphakathi waseNazaretha uzwakalise ukushaqeka ngalesi sigameko usho nokuthi unokudideka ngomsusa wesisu esidlule nomphefumulo wengane yakwaHadebe.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.