UNKOSIKAZI kaMengameli Jacob Zuma uNkk Nompumelelo MaNtuli Zuma uzimisele ukugeza igama lakhe emuva kokuvela kwemibiko yokuthi usengumsolwa ecaleni lokuzama ukubulala umengameli.
Izolo iphephandaba iSunday Times libike ukuthi uMantuli usengumsolwa kulolu daba akukho okushintshile.
Phambilini kwavela ukuthi uMaNtuli usolwa ngetulo lokuzama ukudlisa ushevu uMengameli Zuma ngoJuni ka-2014.
UMengameli wagula, uMaNtuli waxoshwa ngoJanuwari wonyaka odlule. Kuthiwa icala lavulwa esiteshini samaphoyisa eNkandla.
Izolo ummeli kaMaNtuli uMnuz Ulrich Roux ukuqinisekisile ukuthi uthole incwadi evela kuMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi uMnuz Shaun Abrahams ebiveza ukuthi uMaNtuli usathathwa njengomsolwa odabeni lokudlisa umengameli.
URoux uthe ikhasimende lakhe (uMaNtuli) libambisane noKlebe abaphenya icala futhi lenza nesitatimende esifungelwe ngo-Ephreli wonyaka odlule.
Uthe uzamile ukubuza ukuthi ngubani ophethe uphenyo kusukela ngo-Okthoba kodwa akayitholanga impendulo.
Uveze ukuthi uMaNtuli ufuna ukugeza igama lakhe ngoba akafuni ukulandelwa yifu elimnyama kwazise lolu daba aluqedwa yize sekuphele izinyanga ezingu-18.
“Imphethe kabi le ndaba futhi imphathisa ngokhwantalala. Usolwa ngokuzama ukubulala umengameli okuyizinsolo ezingelona iqiniso.
“Lolu daba selumdalele izinkinga futhi lumehlisa isithunzi,”kusho uRoux.
Uthe uMaNtuli ufuna udaba luye enkantolo ukuze lufinyelele esiphethweni.
“Kuyamhlukumeza ukuthi imithetho ayilandelwa.
“Uma i-NPA ikholwa wukuthi kunesizathu sokuthi bashushise kufanele bakhiphe amasamanisi kuboshwe ofanele ukuboshwa ukuze siye enkantolo,”kusho uRoux.
Uthe uMaNtuli akasabuyeli eNkandla selokhu axoshwa ngoJanuwari futhi usehlala kwenye indawo azifunela yona nezingane zakhe.
Ihhovisi likaMengameli Zuma lakuphika ukuthi kwake kwaba nozungu lokumbulala futhi nophiko lokushushiswa komphakathi i-NPA lwathi lukhuluma nezinhlaka ezithintekayo kuphela.