AP
190510 Nompumelelo Mantuli, wife of South African President Jacob Zuma, arrives for a visit and luncheon at Rome's Capitol Hill, Wednesday, July 8, 2009. The wives of leaders attending the G8 (Group of Eight) Summit in L'Aquila visited the Capitoline Museums Wednesday and on Thursday will travel to the quake-hit areas in Abruzzo. (AP Photo/Pier Paolo Cito)
BONGIWE ZUMA
UKHOMBE ngenjumbane imbokodo umama wesizwe uNkk Nompumelelo MaNtuli Zuma osola abazali ngokuvuna izingane zabo ngokweqile nathi yingakho budla lubi ubugebengu kuleli.
UMaNtuli ukhulume kanje eMsinga ngempelasonto lapho bekunomkhuleko emuva kwesiphepho esahlasela kule ndawo ngasekuqaleni konyaka.
Lo mkhuleko ubuhlanganisa amabandla ahlukene nomphakathi wendawo.
Uthi omama sekuyisikhathi sokuba bahlukane nokufuya izingane ezingamahlongandlebe kodwa kumele bazizamele usizo uma behluleka baphumele obala kuze kuliwe nobugebengu.
Uphinde wagqugquzela imbokodo ukuthi isukume izakhele yona amathuba kanjalo nokulwelwa isithunzi sayo kuze ikwazi ukumelana nezimo zempilo.
INTANDOKAZI yomculo wokholo uKholeka Sosibo
Ex-QDMS
“Kuyiqiniso ukuthi iningi labazali linesandla ekunyukeni kwezibalo zobugebengu ezikhuza phezulu ngoba liyathula lifuye izigebengu ngenxa yokwesaba.
Kuningi okuhle okungenziwa uma abesifazane bezobambisana futhi bazeluleke ngendlela nezingane zabo,” kusho uMaNtuli.
Uthe sekuyisikhathi sokuthi babhukule abesifazane bamele ubukhosikazi babo kuliwe nobugebengu nezifo. Umculi wokholo uKholeka ududuze imindeni eyalahle-kelwa yizihlobo zayo ngomculo.
|
|
Services