CHARLES KHUZWAYO
ISILOMO somsakazi wezemidlalo kwiMetro FM neSuperSport, uRobert ‘Madluphuthu’ Marawa, sithembise ukuhamba ezinyathelweni zikayise ngokunikela emphakathini ohlwempu waseCato Crest eThekwini.
URobert ubekhuluma enkonzweni yomngcwabo kayise uMnuz Frank Marawa ebiseSt Faith’s Anglican Church eThekwini izolo.
“Njengoba ubaba ebewuFather Christmas wabantu baseCato Crest, akusho ukuthi sebesele dengwane kodwa sizobambisana njengomndeni, siqhubeke nakho konke ubaba abekwenza.”
UMarawa ushonele e-Alliance Sub-Acute and Rehabilation Care Facility Centre ngoNovemba 30.
URobert uthe uyise ushonele ezandleni zezingane zakhe.
“Isandla sakhe sakwesokunxele besibanjwe wuVanessa kanti mina ngibambe esangakwesokudla. Umama uvele wathi ‘usehambile uyihlo bantabami’.
“Ube esekhipha i-oxygen maqede wabonga ithimba labahlengikazi. Ngalolu suku umama ukhombise ubuholi. Akulula ukuhlukana nomuntu obusuthandane naye iminyaka engu-52.”
Naye uMadluphuthu uphonselwe inselelo yokuthi awuphathe ngendlela umndeni wakubo njengoba wonke amathemba esebekwe kuye.
Omunye wabamlulekile yisikhulu sakwaSABC, uMnuz Hlaudi Motsoeneng, esikuvezile ukuthi sona besingamazi umufi kodwa umuntu esisondelene kakhulu naye wuMadluphuthu. “Yindoda uRobert futhi yisosha.”
Umngcwabo kaMarawa bewuhanjelwe yinqwaba yezicukuthwane futhi bekungathi kufihlwa omunye wabadlali bebhola likanobhutshuzwayo ngendlela obekugcwele ngayo abalandeli bamaqembu amakhulu.
Phakathi kosaziwayo abebethamele le nkonzo kubalwa uMgcinimafa we-ANC uDkt Zweli Mkhize, uNgqongqoshe wezeMidlalo kuleli uMnuz Fikile Mbalula, iPhini likaNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uMnuz Buti Manamela, uMnuz David Thidiela weBlack Leopards, isikhulu seKaizer Chiefs uMnuz Bobby Motaung, umqeqeshi weChiefs uSteve Komphela, umsakazi nomphathi wesiteshi uT-bo Touch, uJaji Vuka Tshabalala, umlingisi uFlorence Masebe nabanye.
Umufi uphelezelwe ngezingoma zakhe abezithanda ze-jazz nezokholo. Umufi ufihlwe emathuneni aseLala Kahle eBotha's Hill izolo.