Gallo Images
AKAZIBONI ebuyela kuPremier Soccer League (PSL) uTsepo Masilela oyisitobha seBafana Bafana njengoba ethi usafuna ukuzidelisa e-Europe. Isithombe: GALLO IMAGES
MINENHLE MKHIZE
ISIQONGQWANE seBafana Bafana uTsepo “Chester” Masilela uthi akazimisele ngokushaya ibuya ku-Absa Premiership osekuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba kubadlali bakuleli abagijima phesheya kwezilwande.
UMasilela, obeyibamba kuGetafe yaseSpain ngesizini edlule, utshele Isolezwe ukuthi yinto yokugcina acabanga ngayo ukubuyela kuPremier Soccer League (PSL).
Ngesizini edlule uBenni McCarthy obegijima kuWest Ham yase-England usayine ne-Orlando Pirates esuka kuleli qembu njengoba noBernard Parker ebophe ifindo lomshado neKaizer Chiefs. Lo mgadli obegijima kuFC Twente yaseHolland.
“Angizimisele ngokubuyela kuPremiership. Ngisafuna ukuhlala phesheya ngoba ngikholwa wukuthi ngenza kahle yize ngibuye ngiphazanyiswe wukulimala. Ukubuyela ekhaya yinto engingayenza uma sekuthiwa kuyabheda ngempela. Angikafiki lapho kumele ngifike khona, ngakho ngisafuna ukuqedela umsebenzi phesheya,” kusho uMasilela.
Leli nxele belibolekiswe yiMaccabi Hafia yakwa-Israel kuGetafe yaseSpian. IMaccabi ngesonto eledlule ikhiphe isitatimende lapho ibichaza khona ukuthi uMasilela ngeke esagijima kuyona kodwa uzodlala e-Europe.
UBevan Fransman obedlala kuHapoel Tel Aviv yakwa-Israel usayine inkontileka yeminyaka emithathu nompetha beNedbank Cup iSuperSport United. USiboniso “Pa” Gaxa naye wenze okufanayo esuka kuLierse IK yaseBelgium wajoyina iChiefs azohlala kuyona amasizini amathathu.
Leli nxele (uMasilela) like lamataniswa neKaizer Chiefs efuna cishe bonke abadlali abasezingeni eliphezulu kulezi zinsuku. UMasilela akakaze adlale ku-Absa Premiership selokhu aqala ukudlala ibhola. Usuke kuleli kade edlala kuNational First Division (NFD) kuBenoni Premier United.
Kuthintwa uPaschalis Tountouris ongumphathi wabadlali bakwa-Prosport abazinze phesheya kwezilwandle, utshele leli phephandaba ukuthi kukhona amaqembu afuna uMasilela.
“Kunamaqembu aseSpain afuna ukumsayinisa uMasilela kodwa okwamanje ngeke ngiwadalule ngamagama ngoba kusasekuseni kakhulu,” kusho uTountouris obekhuluma neSolezwe eseLondon, e-England.
Abanye abadlali abakhethe ukubuyela kuleli kule sizini ezoqala ngu-Aaron Mokoena osezogijima kuBidvest Wits. Lo mdlali owake waba ngukaputeni weBafana. Ubuya kuleli nje iqembu lakhe lidliwe yizembe kuChampioship League e-England nokuchaza ukuthi selizogijima esigabeni esifana neVodacom League okuyi Thid Division yakwelamaNgisi. Kulona leli sonto uDelron Buckley usayine kuMaritzburg United esuka kuKarlsruher yaseGermany egcine idliwe yizembe yashona kuThird Division.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services