UMax uboshelwe isondlo

Comment on this story
NO_max0 INLSA UBOSHELWE icala lesondlo sengane usomabhizinisi wodumo waseThekwini uMax Mqadi weMax's Lifestyle. Isithombe: DOCTOR NGCOBO

BAWINILE NGCOBO

KUBOSHWE usomabhizinisi wodumo lweMax’s Lifestyle, eMlazi izolo emuva kokuthi inkantolo ikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe ngecala lesondlo sengane.

UMax Mqadi wodumo lwendawo evakashelwa ngosaziwayo nomntakabani kuthiwa uboshwe izolo ngemuva kokuthi amaphoyisa ethole incwadi egunyaza ukuthi aboshwe.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Thulani Zwane, uqinisekisile ukuthi amaphoyisa athunyelelwe incwadi yiNkantolo egunyaza ukuboshwa kukaMax, abe esembopha.

UZwane uthe uMax kulindeleke ukuthi avele eNkantolo namuhla kodwa Isolezwe lihabule ukuthi ulungiselwe ngokushesha umshushisi wakwazi ukufaka isicelo esisheshayo sebheyili wabe esekhishwa khona izolo.

Ngokuthola kweSolezwe uMax uboshwa nje ngoba ube nenkinga ngohlelo lokuthi akhokhele isondlo enye yezingane zakhe okuthiwa ihlala eMlazi kwa-G.

Kuthiwa le ngane ayisenaye umama kodwa ibisihlala nogogo wayo.

UMax, oshade noMpho, uboshwa nje ubenze isiphihli somcimbi endaweni yakhe muva nje emuva komjaho weVodacom Durban July obusekuqaleni kwale nyanga, ithikithi lokungena kuwo ebelibiza kusuka ku-R150 liya ku-R800.

Lo mcimbi ubuhanjelwe wosaziwayo abebephuma emikhakheni eyehlukene futhi kunandisa kuwo izilomo zabaculi.

Indawo kaMax isingenye ehamba phambili kwezokungcebeleka kulesi sifundazwe njengoba osaziwayo nosomabhizinisi abaningi abaqhamuka kwezinye izifundazwe bezithokozisa kuyo uma behambele lesi sifundazwe.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.