INLSA
UNKSZ Khethiwe Mlambo noNksz Thandeka Mlambo bathi bafuna loyo owayengumasihlalisane kayise abavumele ukuthi bamfihle lapho befuna ukumfihla khona. Isithombe: PATRICK MTOLO
LUNGI LANGA
SEKUQUBUKE umbango ngesidumbu sendoda yaseNquthu amadodakazi ayo asibanga nowesifazane obengu-masihlalisane wayo.
Kushubile phakathi kwamadodakazi kaMnuz Philip Mlambo (66) oshone ngesonto eledlule emuva kokugula ehlalisene noNksz Nompumelelo Mdakane (49) kwa-K eMlazi.
Amadodakazi kaMlambo uNksz Khethiwe Mlambo (38) noNksz Thandeka Mlambo (32) basola uNksz Mdakane ngokunqwaha nesidumbu sikayise.
Ngokusho kwabo lokhu sekuhambe kwaze kwafika ekutheni uNksz Mdakane abafake kubameli ngoba engafuni ukuthi bangcwabe uyise.
“Okusiphatha kabi wukuthi lo mama akazange asitshele nokuthi ubaba usegula kakhulu. Size sathintwa ngumakhelwane okunguye osichazele lolu daba. Kuthe noma eseshonile wangasazisa ngokushona kukababa,” kusho uKhethiwe.
Bathi emuva kokuzwa ngokufa kukayise basuke eCape Town, eTygerberg lapho besebenzela khona beza eThekwini ngenhloso yokuzolungisela ukumngcwaba.
Baqhuba bathi konke lokhu akwenzekanga ngoba uNksz Mdakane ubatshele ukuthi akazi ukuthi umazisi kababa wabo ukuphi waphinde wangatshengisa ukubambisana nabo nakwezinye izinto.
“Sibe sesihamba nomama oshade nobaba kodwa obengasahlali naye sayolungisa ukuthi simyise emakhazeni esiwakhethile. Sisalungisa lokho uNksz Mdakane (umasihlalisane) uvele wathumela abanye abangcwabi nencwadi athe ivela enkantolo emgunyaza ukuthi kube nguye ongcwaba ubaba,” kusho uThandeka.
Batshele Isolezwe ukuthi kuyimanje isidumbu sikayise sigcinwe emakhazeni aqokwe nguNksz Mdakane. Bathi badidekile njengoba kume yonke into. Baveze nokuthi sebeke basatshiswa ngumphathi wamakhaza uMnuz Musa Nyathi weMusa Funeral Services abathi wakhuluma nabo wakhipha amagama anezinsongo.
UNksz Mdakane, ozifikele mathupha emahhovisi eSolezwe izolo emuva kokufika kwamadodakazi kaMlambo, ukuphikile konke okushiwo ngamadodakazi wathi yena akakaze anqwahe nesidumbu sikaMlambo.
“Mina ngithi bangaba yingxenye yomngcwabo uma uzoba la emzini wakhe eMlazi. Angikaze futhi ngithi awukho umazisi wakhe, bona bazihambela ngokwabo bayolanda isidumbu sikababa ngaphandle kokungazisa,” kusho uNksz Mdakane.
Umnikazi wamakhaza okugcinwe kuwo isidumbu sikamufi uthe bazoqhubeka nezinhlelo zokufihla uMlambo kule mpelasonto.
|
|
Anonymous, wrote
Kanti yini engene Enquthu,zonke izinto zakhonjwa Enquthu basekhona abantu abasontayo noma sekuthakathwa kuphela u 2012 ngathi uqala nezinkinga uyophela kunjani abantu ababuyele ebuntwini bakithi.
anonymous, wrote
Angicabangi mina ukuthi ishende lalendoda linalo igunya lokunquma mayelana nendawo okumele kufihlwe kuyo.Ikakhulukazi ebe ekhona umuntu lo baba ashade naye kunye nomdeni wakhe. Makayongcwatshwa ekhaya nje kuphele uMnuz. Mlambo bese uma ngabe usesifiso umasihlalisane lo wakho aye engcwabeni.
THANDEKA , wrote
CHA MAKUNGUKUTHI BEBENGASHADILE FUTHI LOMUFI ESENALO IKHAYA AKAFIHLEKWE EKHAYA LAKHE AYI EMZINI WENKOSIKAZI KANTI KUSUKE KUTHIWANI MAKUTHIWA UKUHLWA KUYAQOQANA LOMAMA AKAKHIPHE UMAZISI ANIKE IZINGANE MINA KUBE OWAMI LOBABA EBENGEKE EMFIHLELE EMZINI WAKHE IKHAYA LAKHE LIKHONA PHELA KUGANA UMFAZI AYI INDODA
Anonymous, wrote
Showing items 1 - 4 of 4
Services
Comment Guidelines