Advertisement

Umbani ubulele ngoKhisimusi eShowe

LUPHELE ngezinyembezi usuku lukaKhisimusi emndenini wakwaGumede eGcininhliziyo, eShowe ngesikhathi umbani ushaya indlu yasha kwashona owesifazane nengane yakhe enezinyanga ezingu-11.

Kuthiwa imvula enamandla ebihambisana nokuduma kwezulu nombani ihlasele le ndawo nezinye ezingaphansi kukaMasipala waseMlalazi ngoKhisimusi kwasha izindlu.

OMAKHELWANE nezihlobo zifike zizokhalisa umuzi wakwaGumede olinyazwe umphezulu ngosuku lukakhisimuzi kwashona umama nengane ebinezinyangaeziyishumi nanye. ISITHOMBE: NQOBILE MBONAMBI. Credit: INLSA

Kushone uNksz Nqobile Gumede (22) nosana lwakhe, uPamela onezinyanga ezingu-11.

Udadewabo kaNksz Gumede, uNksz Zama Gumede obesemsebenzini ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko uthe ufike ekhaya sekonakele.

“Udadewethu ubehleli endlini esenzela kuyo konke ngesikhathi kuna leli zulu, liduma ngabo 2 ntambama. Angeke ngikwazi ukuchaza ukuthi kwenzekaleni ngoba bengingekho kodwa ngisola ukuthi ushaywe yizulu kwabe sekuthungeleka umlilo,” kuchaza uNksz Gumede obethuthumela.

Uthe uyasola ukuthi ingane ibiseduze kwakhe, ishe ngesikhathi sekusha ngoba ificwe iseduze kwakhe, sekubonakala ngenabukeni ukuthi bekuyiyo.

“Udadewethu simfice esengamathambo, sekubonakala ngezinto ezimbalwa ukuthi nguyena,” kusho uNksz Gumede.

Uthe udidekile ngalesi sigameko ngoba uyise udlule emhlabeni ngoDisemba nyakenye, unina wadlula ngo-1998.

“Sengisele ngedwa ngoba bese sisele nodadewethu lapha ekhaya,” kuchaza uNksz Gumede.

Uthe ingane yakhe isinde ngoba ibikubo beyicelile bezoyenzela umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa.

Yize kube ngumuzi wakwaGumede kuphela olahlekelwe ngamalungu awo kuleli zulu kodwa kushe ezinye izindlu ezinhlanu kule ndawo, kwadilika nebhuloho.

Imenenja kaMasipala waseMlalazi, uMnuz Thembinkosi Mashabane uthe bathuke kakhulu ngalesi sigameko ngoba ayikaze yenzeke lento enje kule ndawo.

“Kushe imizi ku-ward 1, 9 no-25 kodwa kwangalimala muntu,” kusho uMashabane.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana uNksz Nomusa Dube ozifikele mathupha kule ndawo unxuse abantu ukuthi baqaphele, bangavali amawindi uma kuduma izulu futhi bangasebenzisi namaselula.

Uthe kumele bangakhohlwa okwakushiwo kudala ukuthi izulu liyahlonishwa.

UNksz Dube uthe badlulisa umyalezo wenduduzo emndenini wabalinyazwe yizulu nalaba abalahlekelwe yimpahla.

“Senza konke okusemandleni ukufundisa abantu ngobungozi bezulu kodwa angeke sikunqande okusuke kudaliwe. Nakule ndawo sizofaka uthi oluvikela umbani njengezinye esizihlonze njengalezo ezizidingayo ngokushesha,” kusho uNksz Dube.

Unxuse abantu ukuthi bazithengele ezabo noma bangahlanganisa imali endaweni bathenge le evikela indawo enkulu.

Uthembisile ukuthi iminyango kahulumeni eyehlukene abehambisana nayo izolekelela abomndeni wakwaGumede nabanye abakhahlamezekile.

SHOW ALL
Advertisement