Advertisement
logoSections

UMbeki usagxeka ubuholi be-ANC

LEBOGANG SEALE

UMFOWABO kowayeMengameli Thabo Mbeki uthi akukho lutho oluzoshintsha ebuholini be-ANC njengoba kusazoba khona izinkinga zokulethwa kwezidingo kubantu ebezivele zikhona.

UMnuz Jacob Zuma noMnuz Cyril Ramaphosa. Credit: INLSA

UMnuz Moeletsi Mbeki owaziwayo ngokugxeka ubuholi obukhona be-ANC ngaphansi kukaMengameli Jacob Zuma uthi ngisho nokuqokwa kukaMnuz Cyril Ramaphosa angeke kuyisize ngalutho i-ANC nelakuleli.

Ubephawula kanje emuva kokubuyiselwa esikhundleni sokuhola i-ANC kukaZuma osazohola eminye iminyaka emihlanu aphinde abe nguMengameli wezwe.

“Awukho umehluko phakathi kobuholi obusha nobudala. URamaphosa noNdunankulu waKwaZulu-Natal uDkt Zweli Mkhize kade baba khona laphaya. UCyril wayekhona kwi- NEC futhi eneqhaza alibambile,” kusho uMbeki ongumhlaziyi wezomnotho nephini likaSihlalo we-SA Institute of International Affairs. Emuva kokuqokwa kukaRamaphosa njengePhini likaMengameli imibiko iveza ukuthi lokho kuzoqinisa kakhulu ukuzethemba kubatshali zimali ezweni kumise nemakethe yezimali. Lokhu kubuye kwaqiniswa nayimibiko yokuthi amandla erandi athe ukuqina emuva kokuqokwa kukaRamaphosa.

“Abantu bayawenza amaphutha, akusho ukuthi uCyril yena akabalwa kulabantu. Ngaphansi kobuholi bukaZuma kusazoqhubeka ukubulawa kwabantu abamsulwa njengaseMarikana, ukubulawa kwabantu abamsu-lwa bebhikisha njengo-Andries Tatana kanye nokungaphathi ngendlela njengokuthunyelwa kwezincwadi,” kusho uMbeki.

Uthi ukuvota kwabantu kulokhu kwehla selokhu uZuma athatha izintambo ngenxa yenkohlakalo. UMbeki uthe enye inkinga ukuthi iNingizimu Afrika ayikabi yizwe elinenkululeko ngokugcwele futhi kukhona nezinto ezinyanyalatwayo ohlelweni lwayo lokuvota. “Sidinga uhlelo lapho amalungu ephalamende ezoqokwa ngqo ngabantu, ngisho neziMeya kumele ziqokwe ngqo ngabantu.”

Uveze ukuthi ngisho uMengameli waseMelika uBarack Obama uqokwa ngabantu.

SHOW ALL
Advertisement