Umbukiso wemfashini yomdlalo ozigcawugcawu kuMzansi Magic

Comment on this story
no fumi . IMISIKO enjengalena ezobe ibukiswa kwiNkaba ngoLwesine, lapha nguFuni olingisa indawo kaWeza Solange

SIHLE MKHIZE

UMDLALO wethelevishini ozigcawugcawu iNkaba edlala kuMzansi Magic, etholakala kwiDStv ku-107, izokhombisa ubuciko bemfashini ukulwa nokucwasana ngokobuzwe abathi kusenzeka buthule kuleli.

Lo mdlalo odlala ngo-8.30 ebusuku kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesine uzobe usebenzisa imisiko ka-Ole Ledimo odabuka eSoweto, eGoli welebuli yodumo iHouse Of Ole.

Umlingisi ophambili kulo mdlalo ongumsiki wengqephu uNothando (Nompilo Gwala) uzobe elele engalele kusasa, okuwusuku olukhulu elungiselela ukwethula ilebuli yakhe iKwa-Mbali Creations.

U-Ole uthe useke wasebenza nezinye izinhlelo zethelevishini kodwa ukusebenza neNkaba kuyisibusiso kakhulu.

“Ngingene kuyima engizogqokisa abalingisi kanti nginendawo yami yokubukisa ngemisiko yami, iku-57 Republic Road, eGoli yilapho bonke abantu bengazitika khona ngayo yonke ingqephu,” usho kanje u-Ole.

no nompilo UNOMPILO Gwala olingisa indawo kaNothando emi phambili, kanti ngemuva yizintokazi ezibukisa ngemisiko ezobe idla umunyu kwiNkaba .

Mayelana nokuthi ingqephu ihlangana kanjani nokuhebeza umoya wokucwasana uthe ingqephu iyakhuluma ukuthi lo muntu uqhamuka kuliphi ilizwe yingakho emazweni okubalwa i-Italy ihamba phambili ngoba umsebenzi wayo bayawuqonda.

Kubalingisi abahamba phambili aseke wabagqokisa kulo mdlalo kubalwa uKwezi (Dumisani Mbebe), Miranda (Ilse Klink) noNothando.

“Siyazi ukuthi sezadlula izigemegeme ezinyantisayo zokucwasana ngokobuzwe kodwa kuyiqiniso ukuthi ukucwasana kusenzeka kuleli.

Umlingisi waseNigeria u-Akin Omotoso owazakhela udumo kwiGenerations uze wasungula ifilimu iMan On The Ground ngakho belu ukuzama ukubhula lo mlilo owokhela buthule,” kusho uBongi Potelwa weMzansi Magic.

Eqhuba uthe le misiko athembisa ukuthi izobe kungeyekhethelo izobe iqukuthe imiyalezo yokuqwashisa ngokucwasa ngokobuzwe.

Ngakolunye uhlangothi uveze ukuthi ngalesi siqephu sangoLwesine kuzobe kuyithuba elihle lokuqhakambisa imisebenzi yamaciko alapha eNingizimu Africa ibe idlulisa umyalezo.

Negama lomsiki wengqe-phu lizobe lisematheni kulo mdlalo ngalolu suku nokuyi-nto athe iyimvela kancane kugcinwa ngokubhalwa nje uma sekuphela sekunyuka amagama ekugcineni.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.