FANELESIBONGE BENGU
M UVA nje inhlangano elawula ezokusakaza kuleli, i-Icasa, isanda kumemezela ukuthi iziteshi zakuleli kumele zidlale u-60% womculo ovutshelwe kuleli. Lesi siphakamiso senziwe ngenyanga edlule kwabekwa ukuthi ngemuva kwezinyanga ezingu-18 sikhishiwe, iziteshi kumele ziqale zenze lokhu.
Eziteshini ezenza inzuzo kuthiwe kufanele zidlale umculo wakuleli ongu-35%. Iziteshi ezizophula lo mthetho zizobhekana nenhlawulo engeke idlule ku-R5million noma kuhleshulwe u-10% emalini eqoqwa kwabakhokhela amalayisense ngonyaka. Ngisishayela ihlombe lesi siphakamiso yize nginokukhala okuncane ngokuthi mhlawumbe besingakhushulwa ngamaphesenti athe xaxa. Abaculi, ababhali bezingoma kanjalo nabadidiyeli bathola inkokhelo ngokuthi izingoma zabo zidlale emsakazweni yingakho kubalulekile ukuthi kube yizingoma zakuleli ezidlala kakhulu. Uhulumeni uhlale ekhuluma ngokudala amathuba omsebenzi kodwa nomculo ungenye yezinto abantu abangaziphilisa ngayo.
Ingwazi ye-jazz uDon Laka isanda kuzwakalisa ukukhala kwayo ngokuthi inkulu imali ephuma kuleli iye kubaculi baphesheya ngokudlalwa komculo wabo bese abakuleli bethola ushintshi. Kunenqwaba yabaculi enezingoma ezihlanyisa abantu kodwa iyantula. Ngaphandle kwemisakazo, amakilabhu, izindawo zokudla nanoma yikuphi lapho kudlala khona umculo ukujabulisa abantu kumele ngabe ziyakhokha kodwa yinto engajwayelekile. Kubhekwa kakhulu imisakazo. Iqiniso wukuthi uma kungathiwa umculo awudlalwa kungabhora kodwa ukubaluleka kwawo sibuye sikukhohlwe. Ukuqopha nje iculo elilodwa kubiza enhle imali ngenxa yokuthi kuqashwa istudio, kukhokhelwe abadidiyeli, kukhishwa imali kuzanywa ukuthi limakethwe.
Ngenxa yokuthi umculo awusathengwa kakhulu futhi udlalwa imbijana emsakazweni, abaculi baze bathembele ekuqashweni bayonandisa. Abahleli bemicimbi bavele bakhale uma bezwa imali abayibizayo yingakho abaculi beshona behlupheka. Ngokwami nje kunabaculi okumele ngabe sebecula ngenxa yothando hhayi ngoba befuna ukuziphilisa. Imali ngabe bayenza behleli ekhaya ngokudlalwa kwezingoma zabo emsakazweni.
Kunezinhlelo emisakazweni ezibekelwe uhlobo oluthize lomculo njengokuthi umaskandi, ngithi akube ngowaphesheya owenziwa kanjalo bese kudlalwa owakuleli kakhulu. Njalo ngoLwesibili isiteshi somphakathi Inanda FM sidlala umculo wakuleli kuphela kwazise bathi yiLocal Tuesday.
Ngo-Okthoba Ukhozi FM ludlala umculo wakuleli kuphela.
NgeSonto i-East Coast Radio inohlelo olubizwa ngePlay Local okudlala kulo umculo wakuleli kuphela. Uvele ungasizwa nakancane isikhala sowaphesheya.
Elami lithi asiwaseke amaciko akuleli, umculo wawo wande emsakazweni ukuze kuzoncipha isibalo sabantu abangasebenzi nohulumeni akwazi ukuthi imali ayiqoqa ngentela abheke ezinye izinto zokuthuthukisa umphakathi.
Ngifisela Inanda FM izilokotho ezinhle njengoba namhlanje igubha iminyaka eyisikhombisa yasungulwa. Ungangibhalela ku: [email protected], ku-Twitter @fanelebengu noma ku- Instagram @fanelebengu