Advertisement
X

Umdlalo weshashalazi okhuluma ngeNkosi uLuthuli

S’BU MASANGO

KULINDELEKE ukuthi kutheleke umndeni kaMnuz Albert Luthuli uzozibonela umdlalo weshashalazi okhuluma ngempilo yaleli qhawe elake laba nguMengameli we-ANC.

UNTANDO Mncube odlala indawo yeNkosi u-Albert Luthuli emdlalweni iLet My People Go oqala namuhla eStable Theatre eThekwini

Kuzobe kungokokuqala ukuthi umndeni ubone lo mdlalo osuselwa encwadini kaLuthuli ethi Let My People Go ayibhala kudala.

UJerry Pooe ongumdidiyeli walo mdlalo, ozoqala ukukhonjiswa namhlanje, uthe ubone kubalulekile ukuthi aguqule le ncwadi ayenze umdlalo weshashalazi ukuze abantu bayiqonde kahle.

Ukuqinisekisile ukuthi uyeza umndeni kaLuthuli yize engazi ukuthi ngobani abazoza.

Uzoqala ukukhonjiswa namuhla eStable Theatre kuze kube nguJuni 8.

Uthe kuzonikwa ithuba abafundi kusuka ngo-10 ekuseni kuphinde futhi kuqalwe ngo-12 emini.

Abadala bona bazokwazi ukuwubuka ngo-7 ebusuku bese kuthi ngeSonto bawubuke ngo-3 ntambama.

Uthi inhloso enkulu yalo mdlalo wukukhumbuza abantu ngomlando kaLuthuli.

Uveze ukuthi konke okuzobe kwenzeka emdlalweni yilokho okubhalwe encwadini.

Phakathi kwezinto athi zikhona kulo mdlalo wukukhethwa kwakhe ukuthi ahlonishwe ngeNobel Peace Prize njengoba aba ngumuntu wokuqala omnyama wakuleli ukuzuza le ndondo.

UPooe uchaze lo mdlalo njengohlanganise umculo nomdanso, unabalingisi abangu-16.

Indawo kaLuthuli izobe idlalwa nguNtando Mncube, uThandeka Luthuli ongahlobene nomndeni wakwaLuthuli udlala indawo kankosikazi kaLuthuli.

Kungenwa ngo-R50 abadala, ngu-R30 umfundi ngamunye. Abanye abalingisi ngoBongumusa Shabalala, Musawenkosi Shabalala, Stela Zuma, Roelf Matlala, Xolani Henema, Xolani Dlongolo, Zanele Zulu nabanye. Umculo uqondiswa nguMthandeni Mvelase. Ohlanganisa umdanso nguReggie Bester.

SHOW ALL
Advertisement