Umehlokaboni ngosolwa kwelokubulala

Comment on this story

NONTUTHUKO NGUBANE

SEKUBEKWE umehlo kaboni kaR20 000 kulowo ozoqhamuka nomkhondo kaMnuz Bongani Mkhize (osesithombeni) ofunwa ngecala lokubulala usomatekisi odumile eMbali, eMgungundlovu.

UMnuz Johannes Tshoba ongusomatekisi wabulawa ngoMeyi 10 nonyaka. Kulokhu kuhlaselwa kwasinda uNkk Ntombenhle Ndlovu ababenaye ngaleso sikhathi.

Ngophenyo lwamaphoyisa kwabanjwa uMnuz Mkhize ngala macala kodwa wadedelwa ngebheyili enkantolo yaseMgungundlovu, ngemibandela yokuba abuyele enkantolo kodwa wangakwenza lokho. Sekunesikhathi amaphoyisa ethungatha umsolwa kodwa engamtholi.

Okhulumela amaphoyisa maphakathi nesifundazwe uLieutenant Joey Jeevan ukuqinisekisile ukuthi uMkhize ufunwa uthuli ngamaphoyisa njengoba engaziwa ukuthi ucashe kuziphi izinkalo.

“Uphule imibandela yenkantolo neyamaphoyisa njengoba engaziwa ukuthi ubhacephi uMnuz Mkhize. Akatholakali ndawo nosekwenze amaphoyisa akhipha isamba sika-R20 000 kozoqhamuka nolwazi oluzoholela ekubanjweni kwakhe, bese eboshwa,” kusho uJeevan.

Onolwazi angathinta umphenyi waleli cala uWillem De Wet ku: 082 5561 378 noma uMoses Gasa ku: 071 481 3446. Noma ngubani ofisa ukuveza ulwazi ngaleli cala uyanxuswa ukuba ashayele le nombolo yamahhala: 08600 10111.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.