isolezwe1
isolezwe-2
isolezwe-3

UMelizwe usabisa ngokuthathela abaholi izinyathelo zomthetho


no melizwe12

INLSA

INkosi yaseNhlangwini uMntwana uMelizwe Dlamini okhala ngezinkulumo ezilumelayo ezenziwe emcimbini wakwaCele eMfangisale nakholwa ukuthi zaziqondiswe kuye

CELANI SIKHAKHANE

INKOSI yesizwe saseNhlangwini uMntwana, uMelizwe Dlamini, usabisa ngokuthathela izinyathelo zomthetho abanye babaholi ababehambele umcimbi wokugcotshwa kwenkosi yesizwe sakwaCele eHighflats ngempelasonto ngoba ebasola ngokwenza izinkulumo ezinohlevane nezibeka ukuthula engcupheni.

Lokhu ukusho izolo ngesikhathi enomhlangano nabezindaba emzini wakhe eLa Lucia, eThekwini, lapho ebezwakalisa khona ukukha-thazeka ngokuhlukunyezwa abhekene nakho ngenxa yokuthi ufuna ukuba yiSilo.

Ngesikhathi ecacisa ngezinyathelo zomthetho uthe ngeke adalule igama lo mholi kodwa uyabazi asehlele ukuthi abafake enkantolo.

“Okungiphethe kabi wukuthi ngesikhathi kunalo mcimbi kunomholi owathi labo abafuna isikhundla sakhe banamadimoni futhi sengathi bangafa, abanye bethi Isilo sisodwa. lokho nje kukhomba ngokusobala ukuthi izinkulumo ezazenziwa zazinokuhlasela iNhlangwini nami uqobo futhi zihambisana namazwi anodlame,” kusho uMntwana uMelizwe.

Ukusho lokhu nje ngesi-khathi kwakunalo mcimbi abakwaCele bakubeka kwa-caca ukuthi bona baneSilo esisodwa okuyiNgonyama yamaZulu, ngakho ofuna uku-zifanisa nayo akahambe ayofa. Isilo ngesikhathi sethu-la inkulumo sathi abantu kumele bakuqonde ukuthi kasilona igwala kodwa siyahlonipha futhi siyinkunzi emidwayidwa ngakho uma sekukhona abafuna ukuthatha okungokwaso bazogula bafe.

Kule nkulumo asizange sibize gama lamuntu futhi saze sakugcizelela ukuthi noLusifa (uSathane) waxo-shwa ezulwini esefuna ukuzi-fanisa noNkulunkulu.

UMntwana uMeliziwe uthe naye akesabi muntu ngoba akafune sikhundla samuntu nobukhosi babantu kodwa ufuna okungokwabo okwebi-wa abacindezeli ngo-1847.

Uphinde wakhala ngabaholi abathize kuhulumeni abachaze ngokuthi bayingxenye yokuphazamisa kokusebenza kwekhomishini ephenya ngobukhosi ngoba bavele baphumele emphakathini bathi iyodwa iNgonyama KwaZulu-Natal.

“Mina akekho umuntu engimesabayo kodwa uNkulu-nkulu kuphela osezulwini, okunguye oyinkosi yamakhosi, hhayi omunye umuntu,” kusho uMntwana uMelizwe.

Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba uthe kunencwadi evela kuMengameli wezwe ecacisayo ukuthi udaba lwakhe lusasetshenzwa yikhomishini ephenya ngobukhosi.

Okufike kwaxaka wukuthi ngesikhathi izintatheli sezifu-na le ncwadi ugcine ethi ikho-na kodwa akazange azinikeze.

sign up

Share |  

Facebook icon

Facebook

Twitter icon

Twitter

Google icon

Google

Yahoo icon

Yahoo

Reddit icon

Reddit

del.icio.us icon

del.icio.us

Pinterest icon

Pinterest

Email

Print

  • Rate this article
  • Average reader rating (0 votes) 0 Stars
honeybee_600
I'm a 22 year old woman looking to meet men between the ages of 24 and 32.
View Profile
honeybee_600
I'm a 22 year old woman looking to meet men between the ages of 24 and 32.
View Profile
STONE_228
I'm a 39 year old man looking to meet women between the ages of 18 and 35.
View Profile
IOL - dating
keep36
I'm a 36 year old man looking to meet women between the ages of 24 and 30.
View Profile
IOL - dating
Roxi84cbs
I'm a 28 year old woman looking to meet men and women between the ages of 25 and 35.
View Profile
IOL - dating
fancy24
I'm a 36 year old woman looking to meet men between the ages of 34 and 42.
View Profile