.
KUZOBHEKWA amava kaBryan Habana uma amaBhokobhoko esebhekene ne-England kwiTest yesibili eCoca Cola Park, eGoli, kusasa ntambama
MALIBONGWE MDLETSHE
UZIBONA evuse uBryan Habana omdala umqeqeshi wamaBhokobhoko, uHeyneke “Henyekane” Meyer, ozakhele ugazi kubalandeli bombhoxo eNingizimu Afrika ezakhe zinqoba umdlalo wazo wokuqala ngaphansi kwesandla sakhe ngempelasonto eThekwini.
Kulo mdlalo uHabana, owadla umhlanganiso womdlali ovelele amaBhokobhoko enqoba iNdebe yoMhlaba ngo-2007, ushaye into ecokeme emaka kahle futhi egijima nebhola eba sezikhaleni ebezikhombisa ukuthi ubuyelwa yifomu aduma ngayo.
Umdlalo olandelayo wamaBhokobhoko uzokuba seCoca Cola Park, eGoli, kusasa kanti kulindeleke ukuthi ushube kakhulu kunodlule.
UMeyer uthe bekuseyisiqalo sekusasa lokhu okukhonjiswe yilo mdlali weWestern Province kulo mdlalo ngoba usazokwenza izinto ezinkulu njengoba esecijwa nguyena eqenjini lesizwe.
“Lokhu okwenziwe uHabana kuyisiqalo sekusasa elihle empilweni yakhe njengomdlali wombhoxo. Ngiyamazi uma esesefomini kodwa sekunesikhathi ngagcina ukumbona edlala kanje. Ukhombisile ukuthi amava akahengwa. ngiyambongela kodwa ngiyazi ukuthi usazongikhombisa okukhulu,” kusho uMeyer.
UHabana uqale ukuphenduka isilomo emhlabeni edlala ngaphansi kwakhe uMeyer ozifanisa noyise kulo mdlali.
“Ngisalindele lukhulu kuHabana futhi ngiyazi ukuthi ngizokuthola ngoba umbhoxo omuhle uwudlale ngaphansi kwami,” kugcizelela uMeyer.
Ukudlala kahle kukaHabana ngempelasonto edlule kuzomnika ukuthula kancane ngabadlali abaqokelwe eqenjini lesizwe uMeyer njengoba bebekhala abaningi ngokubophela kwakhe uHabana ku-11 kunokuba kuboshelwe uLwazi Mvovo, noZane Kirchner kunombolo-15 kunoPatrick Lambie.
Nokho uKirchener uzobe engekho kwazise ulimale edolweni ngempelasonto. isikhala sakhe savalwa nguGio Aplon wamaStormers kodwa uLambie uyena ozoqala umdlalo kunombolo 15.
Khonamanjalo abakwaSuperSport bamemezele ukuthi umdlalo wamaBoks ne-England uzovela naku-SS4 ngo-7pm ngenhloso yokusiza labo abakhokhela i-Compact Dstv. Ngokujwayelekile u-SS4 uvamise ukuveza imidlalo yePSL.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services