MBONGISENI BUTHELEZI
EseGoli
YIZE ifomu kaBrighton Mhlongo eqenjini lakhe i-Orlando Pirates imthathe yamfaka eqenjini lesizwe iBafana Bafana kodwa lo nozinti akaziboni esengcono kunazobe ebanga nabo ijezi u-Itumeleng Khune noJackson Mabokgwane.
UMhlongo useqenjini iBafana elizodudulana neGambia emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) kusasa e-Independence Stadium, eBakau ngo-7 ebusuku.
I-Afcon izodlalwa ngo-2017 eGabon.
IBafana iza kulo mdlalo ibambelele ethembeni lokuthi kukhona esangakwenza ukuzifaka kulo mqhudelwano.
Inamaphuzu amathathu, izolwela ukunqoba imidllalo emibili esele yokuhlunga, okuhlanganisa noweMauritania ngoSepthemba.
“Angithandi ukukhuluma ngabanye onozinti, nokuthi bona badlala kanjani. Mina ngijabule ngokuthi ngilapha eqenjini lesizwe. U-Itumeleng Khune udlala kahle futhi unesipiliyoni kanjalo noJackson naye udlala kahle. Okwami wukuzehlisa, ngifunde kubona bese ngilindela elami ithuba. Uma ngilithola ngizolisebenzisa ngoba nami ngizobe ngilwela ukusiza iqembu linqobe lo mdlalo obalulekile kithina,” kusho uMhlongo.
Umdlalo wokuqala weBafana neGambia waphela ngo 0-0, okwaba wukuqala kwezinkinga zeBafana njengoba esebonakala emancane amathuba ayo okuya eGabon.
Uthe akubaqedi amandla ukuthi iBafana sekumele imincele ukuthi amaqembu angaphezulu kwayo ashaywe ukuze lingashabalali ithemba layo nge-Afcon.
“Sizimisele ngokuthi sibuye namaphuzu amathathu bese sibheka amanye amaqembu ukuthi adlala kanjani ngoba vele sekuzofanele siwabheke ukuthi wona athola imiphumela enjani. Lapha sikhuluma ngebhola, kungenzeka noma yini ngakho ngeke siphele amandla,” kusho uMhlongo.
Eqoqweni leBafana kuboshelwe neCameroon eqhwakele ngamaphuzu ayisishiyagalombili neMauritania elele endaweni yesibili ngamaphuzu ayisikhombisa.
Nabo bayadlala kusasa, okusho ukuthi kumele kube khona ohlulwayo bese iBafana iyayinqoba iGambia ukuze iqhubeke nokuhlalela ethembeni.