Advertisement
logoSections

UMinenhle ushiya iMzansi Insider

NONHLANHLA MKHABELA

BAZOJABHA abalandeli bohlelo lwezobumnandi iMzansi Insider abazifela ngomunye wabethuli bayo, uMinenhle Dlamini (osesithombeni), njengoba esebeka phansi izintambo kulolu hlelo. UMinenhle odume ngelikaMinnie uzovela okokugcina kulolu hlelo ngesonto elizayo ngoMsombuluko, okuwusuku oludlala ngalo njalo ngo-6:30 ntambama.

Minenhle Dlamini. Credit: INLSA

Inhlangano yezokusakaza kuleli, iSABC, ikhiphe isitatimende esithi uMinnie unqume ukwesula kulolu hlelo ngoba efuna ukugxila kwezinye izingxenye zomsebenzi wakhe wokuba ngumethuli.

UMinnie obuye abe ngumsakazi kwiMetro FM waqala ukwethula lolu hlelo ngonyaka odlule noPhila Mazibuko kanti babephonselwe izintambo ngamawele odumo uNtando noHlelo Masina.

AbakwaSABC bathi noma uMinnie eshiya kwiMzansi Insider kodwa banezingxoxo zokumfaka kwezinye izinhlelo kusona lesi siteshi njengoba bengakathandi ukulahlekelwa nguyena.

UPhillip Mabitsela okhulumela lesi siteshi uthe ukukhethwa kwalowo ozongenela uMinnie ngeke kwenzelwe esidlangaleni.

“Ukhona ozongena esikhundleni sikaMinnie kanti lokhu kuzokwenzeka ngokufihlekile, sizonazisa uma sekuqinisekisiwe ukuthi ungubani,” kusho uMabitsela.

Kwenzeka lokhu kusanda kumenyezelwa ukuthi ngeke usaqhubeka nokuqoshwa umdlalo obizwa ngeThe Wild (odlala kwiMnet) elingisa khona le ntokazi engaconsi phambi kubalandeli bethelevishini.

UMinnie waqala ukuzakhela igama kwithelevishini ohlelweni lwezenkolo iSpirit Sundae, waphinde wazakhela olukhulu ugazi ohlelweni lo mculo iLive lapho ayezibambe khona noBonang Matheba noSizwe Dhlomo, nakhona lapho wavele washiya isigubhukane.

SHOW ALL
Advertisement