SIMPHIWE NDWANDWE

Ebika eseGamalakhe, ePort Shepstone

USOTSHWEBHU we-ANC kuMasipala we-Hibiscus Coast KwaZulu-Natal, uMnuz Wandile Mkhize, osocongwe ngeSonto eledlule, kusolakala ukuthi uzakhele izitha ngokuba nobuciko obumangalisayo kwinkulumo-mpikiswano obekwenza kube nzima kubantu abafuna ukumelana naye.

Enkonzweni yesikhumbuzo ebisoGwini Sports and Leisure Centre izolo ntambama kuvele ukuthi uMkhize (34) ubekwazi ukumela into akholelwa kuyo futhi enamandla kakhulu uma kuphikiswana.

Lokhu kuchazwe ngokuthi kungenzeka kumdalele amazinyo abushelelezi kulabo abesebembona njengesiphazamiso kubo ngendlela abekwazi ngayo ukunqoba izinkulumo-mpikiswano.

UMnuz Mthandeni Ngcobo we-ANCYL kuleya ndawo, uthe umufi yindoda ebikwazi ukuba nethonya kwabanye kangangoba bekuba nzima ukuthi uma ekhona kwesekwe omunye umuntu futhi uma engekho bekuba wumqansa ukuqhubeka ngaphandle kombono wakhe.

Uthe ufe olwembiza ngokubulawa kukaMkhize ngoba ushone enephupho lokuthi kwakhiwe isikhungo semfundo ephakeme kuleya ndawo.

Nakuba kube khona izinsolo zokuthi kukhona abebemzonda ngenxa yokuthi ubenamandla ekukhishweni kwamathenda kulo Masipala kodwa akukaze kube khona ukukhuluma okugudla lapho enkonzweni yesikhumbuzo izolo.

UMnuz Willies Mchunu, oyiPhini likaSihlalo we-ANC esifundazweni, uthe ukushona kukaMkhize kuvule esikhulu isikhala kule nhlangano.

“UMkhize ubengenakho ukuthi umuntu mdala kunaye noma nguntangayakhe. Ubekhuluma naye aveze ukujula ngaphandle kokushaywa uvalo. Ubehlonipha engasebenzisi ubuchule bakhe ukuhlokoloza abanye noma ukubachapha ngenhlamba,” kusho uMchunu.

Amaphoyisa akhiphe umehlokaboni ka-R100 000 kulowo oyoqhamuka nomkhondo eyoholela ekuboshweni nasekugwetshweni kwababulali. Uzofihlwa kusasa ePort Shepstone.